IZINGA lomgadli we-Orlando Pirates ovutha uphondo, uZakhele Lepasa namangwevu omqeqeshi weJwaneng Galaxy, uMorena Ramoreboli, kuphakathi kokunye okubhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola emdlalweni weCaf Champions League, eBotswana National Stadium, eGaborone, ngeSonto ngo-3 ntambama.
I-Pirates izotholana phezulu neJwaneng Galaxy yaseBotswana emdlalweni womlenze wokuqala womzuliswano wesibili weChampions League.
Ifinyelele emzuliswaneni wesibili walo mqhudelwano iPirates ngokugudluza iDjabal Club yaseComoros, kwathi iGalaxy yagudluza iVipers SC yase-Uganda.
I-Galaxy iqeqeshwa wuRamoreboli odabuka eRosendal, eFree State, oseke waqeqesha kwiMaluti FET College, eyake yadlala kwiNational First Division (Motsepe Foundation Championship), obuye abambe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana emidlalweni yeCosafa Cup.
Cishe lisekude ukulibaleka ezingqondweni zabalandeli abaningi bePirates igama leMaluti FET College, kwazise phela yilo leli qembu laseFree State ngaleso sikhathi elalidlala esigabeni seVodacom League (esiyi-ABC Motsepe League) elaliqeqeshwa nguye uRamoreboli, elamangaza abaningi ngokunenebula iPirates ngo 4-1 emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup, ngo-2013.
Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo weChampions League, uRamoreboli uthe balindele umdlalo onzima kwiPirates.
“I-Orlando Pirates yiqembu elikhulu futhi bonke abadlali bami bamagange ukubhekana nayo,” uRamoreboli ucashunwe esho kanje.
“Kudala ngiyilandela iPirates (ukudlala kwayo) ngisho ngingakazi ukuthi sizobhekana nayo kulo mqhudelwano weChampions League. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi wayo (uJose Riveiro) nethimba lakhe basenze umsebenzi omuhle, kuze kube manje.
Akubanga lula ukulungisela lo mdlalo ngoba iPirates yiqembu elikhulu. Kumele sibahloniphe ngendlela ebafanele kodwa-ke ekugcineni kuzobe kubhekene abadlali abangu-11 nxa zombili, ngakho kumele sibe necebo eliphusile.”
EZimnyama ziya kulo mdlalo nje zisefomini enhle emidlalweni yeligi neyomkhumulajezi, ikakhulukazi umgadli wayo ovutha uphondo selokhu kuqale le sizini, uLepasa.
ULepasa useshaye amagoli amathathu emqhudelwaneni weChampions League, njengoba kunguyena owalamulela iBucs ishaya iDjabal Club ngo 1-0 ekuhambeni, waphinde waba yiqhawe eshayela ezakhe amagoli amabili, zinabisa ngo 3-0 leli qembu laseComoros kowomlenze wesibili, e-Orlando Stadium.
Yize kuseva futhi luselude ukhalo kulo mqhudelwano weChampions League kodwa ukuqala ngonyawo oluhle kuyikhubalo lokuhamba ibanga emqhudelwaneni.