AmaZulu (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
IMAMELODI Sundowns ikhiphele isibhongo kuMaZulu FC iwehlula ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Igoli leSundowns lishaywe nguLucas Ribeiro, ngesikhathi kunephenathi esiwombeni sokuqala.
ISundowns ingene enkundleni izikhotha amanxeba kulandela ukushaywa yiTP Mazembe emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto edlule. Ngaphezu kwalokho, ibifuna ukuvula igebe lamaphuzu esicongweni se-log yePremiership ngaphambi kokubuyela kwiChampions League nePyramids yase-Egypt ngempelasonto.
ISundowns, eqhwakele, isivule igebe lamaphuzu ayisihlanu phakathi kwayo neCape Town City esibuya esicongweni se-log. Emuva kwemidlalo engu-10, isiqoqe amaphuzu angu-30.
Ngokushaywa yiSundowns, AmaZulu asekhale ngaphansi emidlalweni emithathu ilandelana. Ashaywe yiStellenbosch koweligi wakamuva, nayiTS Galaxy koweCarling Knockout ngempelasonto edlule. Ukwehlulwa koSuthu kululahlekisele ngethuba lokweqa inqwaba yamaqembu kwi-log, luyongena kwi-top 8. Lusahlezi endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-15 emuva kwemidlalo engu-13. Usuthu lusengcupheni yokwehlela endaweni ka-13 uma iRoyal AM ingehlula iRichards Bay eMgungundlovu ngempelasonto.
Enkundleni, iSundowns iqale ilubhincisela nxanye Usuthu kodwa ihluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva obelwakhiwe ngabadlali abayisihlanu. Ukucindezela kweSundowns kugcine kuthele izithelo ngomzuzu ka-19 ngesikhathi unompempe uThabo Mkhabela ebeka iphenathi emuva kokuthi uMbongeni Gumede, ebambe uPeter Shalulile ebhokisini.
URibeiro uyibeke phakathi. Emuva kwaleli goli, AmaZulu avuke emaqandeni, ahlasela ephindelela kodwa ahlulwa wudonga lwasemuva lweSundowns. Ngomzuzu ka-32, unozinti u-Olwethu Mzimela utakule AmaZulu evimba ibhola likaShalulile. Ngaphambi kokuphela kwesiwombe, AmaZulu athole amathuba elandelana kodwa ahluleka ukuwasebenzisa.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye yahlasela zibekwa kodwa ibihluleka uma isifike phambili. USuthu luqhubekile nokudlala ngokuzethemba, lungayivumeli iSundowns ukuthi icanase nebhola. Ukuvala amazibuko koSuthu nokudlala amabhola asheshayo phambili kuyithwalise kanzima iSundowns. Nokho emuva kwezinguquko ezenziwe ngumqeqeshi uRhulani Mokwena, iSundowns ivuke yama ngezinyawo kodwa ubelokhu enqabile uMzimela ezintini. Kuze kwaphela umdlalo kuphakeme imimoya kubadlali nakubaqeqeshi bezinhlangothi zombili abebesho ukubambana ngezandla.
AmaZulu ayoze abuyele enkundleni ngoDisemba 13, uma esebheyokana neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.