Nsingizini Hotspurs (0) 0
Stellenbosch FC (2) 3
IStellenbosch FC iwuqale ngonyawo oluhle umqhudelwano weCaf Confederation Cup ngokuguqisa iNsingizini Hotspurs yaseSwatini emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sokuqala sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli enqobe ngawo iStellenbosch avalelwe phakathi ngu-Andre De Jong noDevin Titus, womabili angene ngesiwombe sokuqala. Elesithathu kwaba yiphenathi evalelwe phakathi nguFawaaz Basadien ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-70.
IStellies ithole iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaLehlohonolo Mojela ngunozinti weHotspurs, uSibusiso Dlamini.
Ukunqoba kweStellenbosch kusho ukuzinciphisela umsebenzi, kwazise inqobe ekuhambeni futhi ayangangenelwa yigoli njengoba iHotspurs kuyiyona ebingosokhaya kulo mdlalo. IHotspurs idlale eMabhida ngenxa yokuthi inkundla yayo iKing Sobhuza II Memorial Stadium eseNhlangano, ayiphasiswanga yiCaf.
Ngesifanayo nakwiStellenbosch nayo inkundla yayo iDanie Craven Stadium, eseKapa, engakaphasiswa yiCaf nePSL ngenxa yesimo sayo sakamuva. Leli qembu lizokwamukela iHotspurs khona eMabhida kowomlenze wesibili ngoMgqibelo ozayo.
IStellenbosch, ebiqede isizini edlule isefomini enhle nokuholele ekuzibekiseleni kwayo indawo kwiConfederation Cup iqeda endaweni yesithathu kwi-log yePremiership, emidlalweni emibili esayidlalile yakamuva okubalwa nowama-quarterfinal eMTN8 eguqise kuwo i-TS Galaxy ngo 3-1, ikhombisa ukuba yiqembu elisazimisele ngokuqhubeka lapho ligcine khona ngesizini edlule.
Ngakolunye uhlangothi iHotspurs nayo njengeStellies eqalayo ukudlala kulo mqhudelwano weCaf, kubukeka usemkhulu umsebenzi osahlalele umqeqeshi wayo u-Alexio Segion njengoba ingakhombisanga nhlobo ukuba yiqembu elingaba yingozi kowomlenze wesibili yize ikhombise ukuvuka emaqandeni esiwombeni sesibili.
EzikaSteve Barker ezisethubeni elihle lokwedlulela esigabeni samaqoqo eConfederation Cup, zizobuyela khona futhi eMabhida ukuyodudulana neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili weyandulela owamanqamu eMTN8 ngoSepthemba 1.