Ukuthatha umsebenzi kwiWydad Athletic Club kukaRhulani Mokwena, kukhombisa izimpawu zokuba nesibindi okumangalisayo uma kubhekwa umlando wabaphathi baleli qembu laseMorocco wokungabi naso isineke kubaqeqeshi.
UMokwena (37) umenyezelwe ngeledlule njengomqeqeshi omusha waleli qembu laseCasablanca elithathwa njengelinye lamakhulu ebholeni lase-Afrika.
Lo mqeqeshi usayine inkontileka yeminyaka emithathu neWydad okusho ukuthi uzohlala eMorocco kuze kube u-2027.
Namanje kusathusa ukuhlukanisa kukaMokwena neMamelodi Sundowns kwazise usanda kuyiqukulisa isicoco seligi sesikhombisa kulandelana nesokuqala se-African Football League (AFL) ngesizini edlule.
Okungadingi ukuqagelwa, yintshisekelo kaMokwena yokubalwa nabanye babaqeqeshi abaphambili e-Afrika yize kungelula ukuziba umlando weWydad wokubafaka amasondo abaqeqeshi.
Akujwayelekile ukuthi umqeqeshi aqede isizini kuleli qembu okwenza kukhombise isibindi kuMokwena uma uzokhumbula ukuthi leli qembu lenze kabi kuzona zonke izinkomishi ngesizini edlule.
Eminyakeni engu-10 edlule iWydad isixoshe abaqeqeshi abangu-16 okuyisibalo esikukhombisa ngokusobala ukuthi uMokwena ulengelwa yizembe uma kwenzeka kungahambi ngendlela zonke izinhlangothi ezifisa ngayo.
Kubaqeqeshi abangu-15 abadlule abaxoshwe iWydad, akekho noyedwa oqede unyaka kubona esemsebenzini. Uhlale izinsuku ezingu-86 esihlalweni u-Aziz Ben Askar, uMokwena azongena endaweni yakhe.
Umqeqeshi weqembu lesizwe laseMorocco, uWalid Regragui, uyena kuphela owacishe wawuqeda unyaka kwiWydad kwazise wahlala izinsuku ezingi-353 kulesi sihlalo.
Ngaphandle kwakhe akekho omunye ohlale isikhathi eside kangangokuthi kukhona u-Abdelaliha Saber, ohlale izinsuku eziyisithupha noRadhouene Felhi ohlale ezingu-24.
Phakathi kwabaqeqeshi abaxoshwa iWydad bengakawuqedi unyaka singabala, oSaber, Sebastien Desabre, Juan Carlos Garrido, Faouzi Benzarti, Moussa N'Daw, Regragui, Hussein Ammouta, Hassan Benabicha, Mendi Nafti, Juan Carlos Garrido, Sven Vandenbroeck, Adil Ramzi, Faouzi Benzarti, Felhi no-Askar.
Okuqaphelekayo ngaleli qembu ukuthi alibubheki ubuzwe bomqeqeshi uma limkhomba indlela kwazise nabawumsinsi wokuzimilela eMorocco baphathwa ngendlela efanayo.
Ngosuku okwethulwe ngalo uMokwena, uHicham Ait Menna, ochazwe njengomunye womengameli beWydad, uthe unolwazi lokuthi kunabebexwayisa lo mqeqeshi ngokuthatha umsebenzi kuleli qembu ngoba lihaqwe izinxushunxushu ngaphandle kwenkundla.
“Konke kuhambe kahle ngesikhathi sezingxoxo futhi kusichazile ukuthi uMokwena ubengabuswa imali kodwa ukuba ingxenye yeFifa Club World Cup bekuseqhulwini kuyena,” kusho lesi sikhulu kwiKooora.
“Bekumqoka kithina ukumfezela iphupho lakhe leClub World Cup kodwa sitholile nokuthi kukhona abebethi akangasayini kithina ngoba asinaso isineke futhi sinezinkinga ngaphandle kwenkundla,” kuphetha uMenna.
IWydad ingelinye lamaqembu ase-Afrika okubalwa neSundowns azodlala kwiClub World Cup ezoba se-USA ngoJuni 15 kuya kuJulayi ngonyaka ozayo.