KUVELA ukuthi iSekhukhune United ingene embangweni wamaqembu afuna ukusayinisa uBongani " Ben 10" Zungu osanda kuchithwa iMamelodi Sundowns.
Isolezwe lithole ukuthi ngesonto eledlule usihlalo weDinoko, uSimon Malatji umthintile uZungu.
Umthombo uthe lo mdlali oyibamba esiswini, uzwakale engenankinga ngesicelo sikaMalatji. Nokho umtshele ukuthi usafuna ukuzama ngaphandle kwakuleli. Uma egcina ngokungalitholi iqembu angayijoyina iSekhukhune.
UZungu ubalwa kubadlali abashiyile kwiSundowns, okukhona kubona noBiran Onyango, Gaston Sirino, Thabiso Kutumela noJunior Mandieta.
Leli qembu libuye lahlukana nomqeqeshi uRhulani Mokwena osepheka iWydad Casablanca yaseMorocco.
UMokwena ucashunwe kwiMarawa Sports Worldwide ethi usezingxoxweni noZungu ukuthi abajoyine ngesizini ezoqala.
Nokho kuvela ukuthi nakuba emthanda kodwa izikhulu zeWydad zikhala ngokushiywa kwakhe iminyaka. Ngaphandle kwalokho leli qembu lisamisiwe iFifa ukusayinisa abadlali. Laphula isivumelwano senkontileka yababelisebenzela. Liphinde likwelete umdlali.
Leli phephandaba lithole nokuthi uZungu uxoxa naneqembu laseGreece okungacaci ngegama lalo.
ISABC ibike nokuthi ukhuluma nelaseKuwait nelaseSaudi Arabia.
"Usihlalo weSekhukhune usemthintile uZungu. Uthembisa nokumholela imali enhle. UZungu akabanga nenkinga ngesikhathi ekhuluma noMalatji. Uthe usafuna ukuzama ngaphandle kwakuleli. Usihlalo usemincele ukuthi angalitholi iqembu. Umfuna ngempela ," kubeka umthombo.
Kuthintwa uMalatji uvele wahleka, wathi:"Simatasa nokuqinisa iqembu. Sifuna ukuqeda isizini ka-2024/25 sisendaweni ezosinika ithikithi leChampions League. Sifuna ukunqoba izinkomishi. Okukhulu kunakho konke sifuna ukuba ngelinye lamaqembu amakhulu kuleli. Nakuba ngingeke ngiveze amagama kodwa sifuna ukusayinisa abadlali abanesipiliyoni.“
Iqembu lakhe lifana nelisha njengoba selisayinise abadlali abawu-18. Phakathi kwabo kukhona uNjabulo Ngcobo ebekwiKaizer Chiefs, Thabang Monare ochithwe i-Orlando Pirates ukubala abambalwa. Liqashe nomqeqeshi omusha uPeter Hyballa waseGermany. Lichithe abawu-16. Ngesizini edlule liqede kweyesine kwi-log yeBetway Premiership. Lizodlala iConfederation Cup. Ngesikhathi iChiefs ikhempe eTurkey, uZungu ushukumise umhlaba webhola, efaka ezinkundleni zokuxhumana isithombe sesikhumulo sezindiza sase-Istanbul okuyinhlokodolobha yakuleliya lizwe. Wenze lokhu kade seziqalile izinkulumo zokuthi angase avumbuke eNaturena.