Richards Bay (0) 0
Marumo Gallants (0) 0
OMAKOTI beDStv Premiership, iRichards Bay FC, baqhubekile nokungafuni ukugitshelwa emakhanda ngamaqembu asenesikhathi eyibambile kulesi sigaba, ngesikhathi besala nephuzu ngoLwesibili lapho bebetholene neMarumo Gallants eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Umdlalo uphele lingekho elivumayo ukugoba uphondo, wasongwa zibambene ngo 0-0.
Emdlalweni wokuqala iNatal Rich Boyz, ephuma kwiMotsepe Foundation Championship (National First Division), ishaye omkhaya iLamontville Golden Arrows. Lokhu kusho ukuthi isinamaphuzu amane emidlalweni emibili.
IGallants ize kulo mdlalo ihlose ukuqoqa amaphuzu amathathu okokuqala ngemuva kokuqala isizini ngokubambana ngo 0-0 neStellenbosch FC ngempelasonto edlule.
Iqembu lasekhaya likhombise zibekwa ukuthi lifuna ukuhlasela kodwa lahluleka ukugqobhoza udonga lweBahlabane Ba Ntwa, ewatholile nayo amathuba okuya phambili kodwa agcina ephelele emoyeni.
Ithuba lokuqala elihle liqhamuke ngomzuzu ka-23 ngesikhathi uMoses Mthembu, edonsa intambo ende ngaphandle kwebhokisi kodwa unozinti weGallants, uWashington Arubi, waliphebezela eceleni kwepali ibhola.
Lo nozinti uphinde wasebenza ngomzuzu ka-42 evimba i-freekick eyingozi ebishaywe nguMpho Mathebula, okuqinisekise ukuthi kuyiwa ekhefini zisabambene ngo 0-0.
Isiwombe sesibili sifane nesokuqala ngoba ibhola belidlalwa kakhulu esiswini kodwa bengekho abakhahlelela ipali. Okunye okuphazamise umdlalo bekuwukulimala kwabadlali. Kwale noma abaqeqeshi sebenza izinguquko kodwa lwangaba khona ushintsho.
Iphuzu libeke iRichards Bay esicongweni ngamaphuzu amane ngaphambi kwemidlalo yangoLwesithathu.
EzikaPitso Dladla, sezizobhekana neSekhukhune United eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ntambama kanti iGallants izokwamukela Abafana Besithende ePeter Mokaba Stadium ngosuku olufanayo.