Orlando Pirates (1) 2
Cape Town City (0) 0
I-Orlando Pirates ifinyelele kowamanqamu eMTN8 okwehlandla lesithathu iminyaka ilandelana ishaya iCape Town City emdlalweni womlenze wesibili walo mqhudelwano obudlalelwa e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli aweze iPirates avalelwe phakathi nguTshegofatso Mabasa noDeon Hotto esiwombeni sokuqala. EZimnyama zidlule ngo 3-1 uma sekuhlanganiswa amagoli omdlalo womlenze wokuqala owaphela zibambene ngo 1-1 eCape Town Stadium, eKapa ngoLwesithathu.
IPirates, eze kulo mdlalo ivele isethubeni elingcono kuneCity ngenxa yegoli layo lasekuhambeni, isilinde ozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neMamelodi Sundowns abazodlala ngeSonto ntamabama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukuhlasela zisuka kwePirates, ebivele ikhombisa ukuba phezulu ngomdlalo, kuthele izithelo ithola igoli ngomzuzu ka-24 ngesikhathi uTshegofatso Mabasa engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguRelebohile Mofokeng kukade kuyi-corner kick emfushane ebiqale kuMonnapule Saleng.
Sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini, uDeon Hotto uvalele phakathi igoli lesibili eshaya ingcwenga ye-free kick ayizwe ngendaba unozinti weCity, uDarren Keet ngomzuzu ka-43.
Nakuba ngesiwombe sesibili iCity ikhombise ukuba ukuba ngconywana kunangesiwombe sokuqala kodwa ayikhombisanga nhlobo ukuba yiqembu elingathwalisa kanzima iPirates. Ibiyiqembu elihluke kakhulu kunelidlale ngoLwesithathu njengoba ingakhanga amathuba atheni okushaya amagoli ngaphandle kwamabhola ambalwa aqhamuke noPrins Tjiueza noJaedin Rhodes ngomzuzu ka-65.
Ngaphambi kwalokho uMabasa wePirates ubesanda kuhlulwa uhlaba udle wethuba lokushayela iPirates igoli lesithathu kulo mdlalo egezwa uKeet esephume qekelele ngemuva kokuphunyuka ezitobheni zeCity.
Emizuzwini engu-17 ngaphambi kokuphela komdlalo, umgadli omusha uVieira Gilberto osuka kwiPetro de Luanda yase-Angola, ubonakale okokuqala engena enkundleni edlubhe ijezi leZimnyama. Ungene endaweni kaMofokeng ngomzuzu ka-73 kanye noMiguel Timm ongene endaweni kaThalente Mbatha ophume eselimele.
Ukunqoba kweZimnyama kusho ukufinyelela kwazo kowamanqamu okwesithathu amasizini elandelana kowamanqamu weMTN 8 esiyinqobe amasizini amabili elandelana, Zidle le ndebe ngesizini ka-2022/23 neka-2023/24. IPirates isethubeni lokuba yiqembu lokuqala ukunqoba lo mqhudelwano amasizini amathathu elandelana.