I-SOUTH African Football Players Union (Safpu), icela umgadli weTS Galaxy, uThamsanqa Gabuza, abambe ucingo noma azame ezinye izindlela zokuxhumana nayo ngoba ifuna ukumsiza enkingeni abhekene nayo.
Lo mdlali oke waba emabhukwini e-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uzinikele emaphoyiseni ngoNovemba 21, ngemuva kokuvulelwa icala lokuzama ukudlwengula, elokucekela phansi impahla nokushaya. NgoNovemba 22, uvele enkantolo emnike ibheyili kaR3 000. Ubuyela khona ngoDisemba 11.
Akaqali uGabuza ukubhekana nengalo yomthetho ngenxa yezinsolo zokushaya owesifazane.
Ngo-2017, walala esitokisini ngemuva kokuvulelwa icala yintombi yakhe ngenxa yokuyishaya.
UGabuza uvulelwe icala, uThembinkosi Lorch weZimnyama, esanda kulengiselwa isigwebo iminyaka emihlanu ngemuva kokulahlwa icala lokushaya nokulimaza uNokuphiwa Mathithibala owayeyintombi yakhe.
Lokhu kwenzeka ngoSepthemba wango-2020. Inkantolo ibuye yamhlawulisa uR100 000 ngaphezulu.
UNhlanhla Tshabalala, ongunobhala jikelele weSafpu, utshele Isolezwe ukuthi okubaphatha kabi ukuthi uGabuza akazibambi izingcingo zabo uma bemshayela ucingo.
Uthe nakuba udaba selusenkantolo kodwa nabo njengelungu labo bafuna ukuzwa uhlangothi lwakhe ukuze bezomsiza nangezinye izindlela.
Uqhube wathi kuyacaca ukuthi kunenkinga ekhona.
"Emuva kokuvela kwemibiko yokuthi uboshiwe, sizamile ukuxhumana naye. Izingcingo zethu akazibambi. Sicela azame ezinye izindlela zokuxhamana nathi noma eze emahhovisi ethu aseGoli.
“Sisebenzisana neLife Line SA okuyinhlangano eluleka abahlukumezeke ngokomqondo nangokwenyama. Sicela uGabuza asithinte noma azame ukufika emahhovisi ethu.
“Sifuna ukuzwa uhlangothi lwakhe. Njengoba sengishilo, sisebenzisana neLife Line SA. Izothola yona ukuthi unenkinga noma cha. Kuwumsebenzi wethu njengenyunyana ukwenza isiqiniseko sokuthi imiqondo yabadlali ihlala isesimeni esihle," kubeka uTshabalala.
Uthe baningi abadlali esebesizakele ngenxa yalokhu kusebenzisana kweSafpu nale nhlangano.
UTshabalala uqhube wathi amaqembu anesandla ngalokhu kwanda kwesibalo sabadlali ababoshelwa amacala okuhlukumeza abesifazane. Uthe ibaphethe kabi le nto.
Ngemuva kokuthi uLorch egwetshiwe, iPirates ikhiphe isitatimende ithi umisiwe ezinhlelweni zeqembu kuze kube uDisemba 12.
UTshabalala uthe bake bawacela amaqembu ukuthi inyunyana ibe nezigcawu nabadlali ukuze kuqwashiswane.
"Sasicele amaqembu ukuthi ngaphambi kokuqala kwesizini ukuba nezithangami nabadlali sizobaluleka kuzo ngezimo zempilo. Amaqembu awavalile amasango, yingakho lesi simo siqhubeka.
“Iningi likhulela emindenini lapho ubaba ehlala eshaya umama. Lokhu likubona kuyinto engenankinga. Likhula bese lenza okufanayo kwizithandwa zalo. Kumele abadlali sibafundise ukuthi ukulwa akusona isixazululo. Ngicela sibambisane namaqembu ukuphuma nesixazululo. Uzoqhubeka lo mkhuba wokuboshwa kwabadlali bethu uma singaphumi nesixazululo sale nkinga. Ngicela amaqembu angayibuki inyunyana njengesilwane," kuzicelela uTshabalala.