U-EUGENE Zwane, onguyise womdlali weKaizer Chiefs, uSamkelo Zwane, ubona usemkhulu umsebenzi ohlalele indodana yakhe okuthiwe izovala isikhala sikaNjabulo Blom esiswini saMakhosi.
USamkelo, ohlanganisa iminyaka engu-21 namuhla, ngomunye wabadlali beChiefs abayisithupha abanyuselwe esikimini esikhulu besuka kweseDStv Diski Challenge. Uqale umdlalo wakhe wokuqala osemthethweni ngesikhathi iChiefs yehlula iLamontville Golden Arrows ngo 2-0, eThekwini ngempelasonto edlule.
Bekungekhona okokuqala edlubha ijezi lesikimu esiyibamba kwiDStv Premiership kwazise udlalile kwiMacufe Cup nyakenye, washiya abantu bengawuvali umlomo ngekhono lakhe.
USamkelo wenze okufanayo ngesikhathi ethola imizuzu embalwa emqhudelwaneni, iCarling Black Label Cup ngasekupheleni kuka-2022. Ngemuva komdlalo ne-Arrows, umqeqeshi u-Arthur Zwane uveze ukuthi uzonika uSamkelo ithuba lokuzibonakalisa endaweni kaNjabulo Blom, osethole amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
Kuqhilika izihlathi kuyise kaSamkelo owayedlala kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
"Njengobaba ngiyaziqhenya ngaye kodwa ngihlala ngimxwayisa ngokuthi kuseva, akakenzi lutho ebholeni. Kusafanele aqhubeke asebenze. Kuningi okusafanele akwenze ukwakha ukuzethemba. Ukudlala imidlalo emibili, noma emithathu, akusho ukuthi usephumelele. Ngihlala ngimtshela ukuthi kusafanele aqokwe njengomdlali ovelele womdlalo, awine izindebe neqembu, awine umklomelo womdlali ovelele wesizini. Kufanele azithobe, aqhubeke nokuhlonipha," kusho uZwane omdala.
Ikhono likaSamkelo liholele ekutheni iningi limfanise noTinashe Nengomasha owayeyinjini yaMakhosi eminyakeni edlule. Okugqamile ngaye yikhono lokuphasa amabhola amade ngobunyoninco.
"Lobo buchule bokuphasela umuntu okude ngaqala ukumfudisa esemncane. Ngangifuna afike ezingeni likaPaul Scholes (weManchester United). Namanje Ngiyamgqugquzela ukuthi uma kuvela ithuba lokulikhombisa leli khono lakhe, alisebenzise. Kodwa isikhathi esiningi adlale amaphasi alula. Okunye uzokufunda ngokuqhubeka kweminyaka ethola isipiliyoni," kusho uZwane.
Mayelana nokuthi indodana yakhe izovala isikhala sikaBlom uthe: "Ngimtshelile ukuthi lokho kungamfakeli ingcindezi. KuBlom kuhambe umdlali omkhulu, ngakho kubhekwe ukuthi wubani ozovala isikhala sakhe. Ngibonile kukhulunywa nango-Andile Jali. Ngimtshelile ukuthi angesabi, akadlale ibhola ngendlela elula futhi enze lokhu okufunwa ngumqeqeshi. Kuzoba nzima khona."
USamkelo ubukeka esezifakile ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs noMduduzi Shabalala obengukaputeni weqembu leDiski. Ngokusho kukaZwane, uthando lwebhola kumfana wakhe, uqale ukulubona esemncane.
"Akakaze ahlale engenalo ibhola. Ubebulala amafasitela ngalo njalo ekhaya. Ukuthanda ibhola akuyona into yamanje kuyena. Angazi ukuthi mangakhi amabhola esengamthengela wona nokuthi malini engiyichithe kuwona. Ibhola ubeya nalo ngisho esikoleni. Ngamthethisa, wagcina eselifihla. Uthisha wangitshela ukuthi ufunda nalo ezinyaweni. Wathi masimyeke ngoba aliphazamisi ngalutho uma kufundwa. Njengoba eseqala ukuthola ithuba kwiChiefs, ngifisa angalimali futhi adlale njalo. Zizoba khona izikhathi lapho engeke adlale khona kahle, abalandeli bamjikele nomqeqeshi amthethise, kodwa kufanele abekezele. Ngizohlala ngiseduzane kwakhe indlela yonke," kusho uZwane.
USamkelo kulindeleke ukuthi aphinde abonakale enkundleni uma iChiefs isibhekene neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium eNasrec, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.