Richards Bay FC (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 2
Kuzoqala unyaka omusha iMamelodi Sundowns ihleli endaweni eyijwayele kulandela ukunweba kwayo igebe esicongweni se-log ngokunqoba kwiRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Inkundla ivulwe ngu-Arthur Sales obekuyigoli lakhe lesibili efikile kwiSundowns. Ulishaye maphakathi nesiwombe sokuqala. Elesibili livalelwe phakathi ngumkhaya kaSales, uLucas Ribeiro, abadabuka naye eBrazil, uLucas Ribeiro ngesesibili.
Ngesikhathi umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ekhuluma ngezinhlelo zalo mdlalo ngaphambi kwawo uveze ukuthi kule sizini uthembele kubona bonke abadlali bakhe ukuba bamenzele umsebenzi oncomekayo uma ebanika ithuba.
Ukusho lokhu ephendula imibuzo ngokuxinwa kwabo yi-Orlando Pirates esicongweni se-log yePremiership kusukeka kulqale isizini.
Nakuba iPirates inomdlalo ngeSonto kodwa igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni liqinisekisa ukuthi nakule sizini iSundowns izongena onyakeni omusha kuyiyona eseqhulwini kwiPremiership.
“Kusemqoka ukuthi bonke abadlali beSundowns bakhumbule ukuthi kungani besemabhukwini ayo kule sizini ngoba osekucacile wukuthi umbango ngeke ubelula futhi uzoba mude,” kusho yena kaSABC.
Kube sengathi ubelalele uSales osebenzise ithuba lakhe kwazise u-Iqraam Rayners, obekusenguyena yedwa oshayele iSundowns amagoli kusukela kufike lo mqeqeshi wasePortugal, uqale ebhentshini.
Ngaphandle kwegoli leSundowns esiwombeni sokuqala ayibanga miningi iminyakazo ethusayo kwazise womabili amaqembu ebekhombisa izimpawu zokugxila ekuqinisekiseni ukuthi zonke izinto zenzeka ngendlela maphakathi nenkundla.
IBay ibuye esiwombeni sesibili sekungathi ithelwe ngezibonkolo, isifika kulandelana ezintini zikaDenis Onyango obevimbele iSundowns.
Kuze wakhishwa uSales, kwangena uRayners ngoba bekusobala ukuthi iBay iyangqongqoza. Ngesikhathi kubukeka sengathi iqembu lasekhaya libuyelwa ukuzethemba, uRibeiro ulibuyisele kwamhlaba ngengcwenga yegoli ebelibeka iSundowns ebuhleni.
Emuva kwaleli goli, iSundowns ibisidlalela ukuqinisekisa ukuthi iqoqa amaphuzu agcwele ukuze izocabanga eyeCaf Champions League ezoyidlala ngesonto elizayo, ikhululeke phakathi ngeligi.