Kaizer Chiefs 0-0 Royal AM
ABADLALI beKaizer Chiefs bayeke ithuba lokuzihlenga nomqeqeshi wabo uMolefi Ntseki engcindezini bevuma ukubanjwa yiRoyal AM ngo 0-0 esibayeni sabo eFNB Stadium, eSoweto ngoMgqibelo ebusuku.
Bekuqala ukuthi la maqembu abambane ngo 0-0 kwazise emidlalweni ephakathi kwabo kuhlezi kuzoba khona amagoli.
Kungenzeka-ke nokho bakhale ngokuphazanyiswa yikhefu leFifa kwazise bobabili bebenqobile ngokwehlukana emidlalweni yokugcina yeligi ngaohambi kwalo.
Umgqigqo eye ngawo ekhefini iFifa, ishaya amagoli amahlanu emidlalweni emibili yeligi nokudlalela ekhaya, yikho okwenze yangena kulo mdlalo izimfivilithi.
Cishe ukuzama kwabo ukuthola igoli kuvela obala ngokuthi umdlali ovelele kulo mdlalo kube ngunozinti we-AM, uXolani Ngcobo.
IChiefs ingene kulo mdlalo ihlose ukuzakhela ugazi kubalandeli bayo ngokunqoba umdlalo wesithathu weligi ilandelana kule sizini.
Ngaphezu kwalokho, ibilwela ukunqoba okwesibili ekhaya imidlalo ilandelana kule sizini.
Kuzokhumbuleka ukuthi banqobe owokuqala ngembudlu ka 3-0 kuMaZulu FC.
Abeqala ukunqoba ngalowo mdlalo kule sizini.
Owesibili awunqobile, ngagukluze kuwo iStellenbosch ngo 2-0 ekuhambeni.
Emdlalweni olandelayo iChiefs igasela kwiSuperSport United koweligi ngoLwesithathu ebusuku.