KUBUKEKA besazoqhubeka nokuba semseni weMamelodi Sundowns abadlali bayo abaningi ebabolekise kwamanye amaqembu ePremier Soccer League (PSL).
Kubhekwe ukuthi babuyele eqenjini ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo ka-2024/2025 ezoqala ngo-Agasti.
ISundowns inabadlali abaningi cishe ukwedlulwa wonke amanye amaqembu ePremiership, kanti inabanye ebabolekise kwamanye amaqembu abangaphezulu kuka-13.
Phakathi kwabo kubalwa uSifiso Ngubeni obebolekiswe kuMaZulu FC, uNicholus Lukhubeni, Siyanda Msani noLuvuyo Phewa kwiCape Town Spurs, uPromise Mkhuma, Thabang Sibanyoni noBongolwethu Siyasi kwi-University of Pretoria, Ricardo Goss no-Etiosa Ighodaro kwiSupersport United.
UMalebogo Modise kwiChippa United, Thabiso Kutumela kwiCape Town City, uKatlego Mohamme noNyiko Mobbie kwiSekhukhune United, no-Ismail Watenga okwiLamontville Golden Arrows.
UKutumela ngesizini edlule ushaye amagoli amathathu emidlalweni engu-28, isivumelwano sokubolekiswa kwakhe kwiCity, siyaphela ngoJuni 30.
Ngesifanayo naku-Ighodaro, uNgobeni, uModise noMohamme lapho bebolekiswe khona.
UMobbie, oya ngokuya ekhombisa ukuvuthwa kwiSekhukhune futhi osebizwa njalo kwiBafana Bafana, kubukeka esazoqhubeka nokuhlala kuleli qembu laseLimpopo. Indawo ayidlalayo emuva kwesokudla kwiSundowns idlalwa nguKhuliso Mudau, uThapelo Morena okungabadlali abasefomini enhle kakhulu.
UNgobeni, odlale imidlalo emibili kuphela ngesizini edlule kuMaZulu awajoyine maphakathi nesizini edlule, naye kubukeka emancane amathuba okuba alithole ijezi kwiSundowns emuva kwesokunxele njengoba elibanga no-Aubrey Modiba noDivine Lunga. Ngakho kungemangaze uma leli nxele lingase liphinde libolekiswe kwelinye iqembu.
Kubukeka kungaba ngesifanayo nakuModise okwiChippa okubukeka ezothwala kanzima ukubanga ijezi noModiba noLunga emuva kwesokunxele. Ngesifanayo kunozinti uWatenga okwi-Arrows, okungenzeka ahlale kuleli qembu laseThekwini noma abolekiswe kwelinye iqembu njengoba kusazoba ngumqansa kuyena ukuphuca ijezi uRonwen Williams noDavid Onyango.
U-Ighodaro noSibanyoni kubukeka beya ngokukhombisa ukuvuthwa nokungemangaze uma omunye wabo ebuyiswa ‘ekhaya’ ngesizini ezayo.
U-Ighodaro odabuka eNigeria, osebolekiswe emaqenjini okubalwa kuwo i-University of Pretoria neChippa United ngaphambi kokubolekiswa kwiSupersport, ngesizini edlule ushaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-25 ayidlalile.
USibanyoni ushaye amagoli ayisishiyagalolunye kumaTuks adlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UPhewa, uLukhubeni abadliwe yizembe neCape Town Spurs, akukacaci ukuthi bazokwehla nalo yini leli qembu laseKapa ukuyoyibamba kwiMotsepe Championship noma bangase babolekiswe kwamanye amaqembu ePremiership. UMsani ushiye iSpurs, wabuyela kwiSundowns ingakapheli isizini.