ABADLALI ababili beMamelodi Sundowns ebabolekise kuMaZulu FC, u-Etiosa Ighodaro noLuvuyo Phewa, bavule isifuba ngesimo sabo kuleli qembu laseChloorkop eselibantuntise emaqenjini ahlukene ngokwahlukana kumasizini adlule.
Bobabili laba badlali, abebekwiSuperSport United neCape Town Spurs ngokwahlukana ngesizini edlule, bathulwe AmaZulu ngoMsombuluko ngesivumelwano sokubolekwa yiSundowns kuze kube sekupheleni kwesizini.
Akuzange kwethuse nokho ukubona laba badlali bobabili bethola amakhaya amasha kwazise lokhu sekwenzeke kubona amasizini elandelana.
U-Ighodaro, oshayele iSuperSport amagoli ayisikhombisa ngesizini edlule, kuke kwavela ukuthi kunamaqembu amfunayo okukhona kuwo nawangaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Ngaphandle kweSuperSport, lo mgadli oneminyaka engu-23 ubudala ufike kwiSundowns ngoJulayi ka-2021 kanti useke wabolekiswa kumaTuks nakwiChippa United
“Engingakusho ngesimo sami ukuthi kufanele ngamukele konke okushiwo iSundowns ngoba nginenkontileka nayo,” kusho u-Ighodaro.
“Sengijwayele ukuthi njalo uma kuqala isizini kufanele ngiyodlalela ukufa nokuphila ukuze ngizothatha iso ngoba iSundowns ingiyisa lapho ithanda khona.
“Nakuba kungemnandi lokhu kodwa sekungiqinise ukhakhayi ngendlela yokuthi sengikulungele ukuzimisela. Lokhu kuzokukhombisa ngesandla engizosifaka kuMaZulu.
Lo mgadli odabuka eNigeria ubuzwe ukuthi lusekhona kuyena uthando lokugqoka umfaniswano weSundowns njengoba ilokhu yaqala ukumbolekisa ngo-2021.
“Ngiyaphupha ngokudlalela iSundowns ngelinye ilanga ngoba iyiqembu elikhulu e-Afrika kodwa ngeke ngiphoqe lokho uma kungadaliwe.
“Okungiphatha kabi yizincazelo ezingacacile engizithola njalo kwiSundowns uma kuvela ukuthi kukhona iqembu elingifuna ngokugcwele,” kusho u-Ighodaro.
UPhewa, odliwe izembe neSpurs, uhambe emazwini ka-Ighodaro ngokungabinawo amandla okusho okufiswa nguyena.
“Sengaze ngajwayela ukwenza lokhu engikutshelwa yiSundowns ngoba iyona ephethe zonke izintambo ngekusasa lami,” kusho uPhewa.
“Ngikujabulele ukubolekiswa kuMaZulu okuyiqembu langasekhaya futhi osekunesikhathi ngifisa ukulidlalela.
“Kuzongisiza ukuba seThekwini ukukhulisa unobhutshuzwayo wami kodwa okuzongisiza wukungayinaki indaba yami neSundowns yize lokho kungasho ukuthi ngijabule ngayo,” kusho uPhewa ojoyine iSundowns ngo-2020.
Indaba yabadlali beSundowns ababolekiswe kwamanye amaqembu ihlale inakeka ngenxa yombandela wokuthi abadlali bayo abavumelekile ukubhekana nayo.
Nanokuthi kuke kwavela ukuthi inkontileka iyama kwiSundowns uma ubolekiswa kwelinye iqembu kodwa leli qembu alikaze liyiqinisekise.
UShupi Nkgadima, okhulumela iSundowns, uthe izindaba zabadlali ababolekisiwe kuleli qembu abazikhulumi kwabezindaba.