IBAFANA Bafana izigwaze ngowayo ivumela iLiberia, ukuthi ibuye ngemizuzu yokugcina yambana nayo ngo 2-2 kungenasidingo izolo ebusukue. Lo mdlalo womlenze wokuqala ngowokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), udlalelwe e-Orlando Stadium, eSoweto.
Womabili amagoli eBafana avalelwe phakathi nguLyle Foster, ngesiwombe sokuqala. Elokuqala kube yiphenathi ayivalele ngomzuzu ka-10 kulandela ukudlaliswa kabi kukaPercy Tau, ngunozinti weLiberia, uTonny Songo ngaphakathi ebhokisini.
Elesibili walingqomfela phakathi ngekhanda kade kuyi-corner kick ebishaywe nguTeboho Mokoena, ngomzuzu ka-22.
UFoster osefomini enhle kwiBurnley edlala kwi-English Football League Championship, ukushaya kwakhe into ecokeme kukhombisile ukuthi kungani iqembu lesizwe lakuleli libadinga abadlali abaningi abadlala emaligini ase-Europe. Kanti noLuke Le Roux odlala kwiVarbergs BolS, yaseSweden, ubeyibambe kahle esiswini, ikakhulu ngesiwombe sokuqala.
Empeleni ngendlela izinga lomdlalo weBafana ebeliphezulu ngayo, bekufanele kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngamagoli angaphezulu kwamane ngoba udonga lwasemuva lweLiberia, beluxega futhi lunamaphutha.
Okuqaphelekile esikimini seBafana esiqale umdlalo, ukufakwa kwabadlali abayisithupha beMamelodi Sundowns, nokuyinto cishe ebilendelekile ngoba umqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos, ubize abadlali abayisikhombisa baleli qembu.
Nakuba iLiberia, ikhombise ukuba yiqembu elingconywana ngesiwombe sesibili kodwa iBafana iqhubekile nokuba ngaphezulu ngomdlalo ngoba ibilikho icindezele futhi ithola amathuba amaningi okubhekana namapali kuneLiberia.
Empeleni uTau obewuhlupho ezitobheni zeLiberia, nongomunye wabadlali abadlale abenze ezibukwayo, bekufanele ashayele iBafana igoli lesithathu ngomzuzu ka-63 kodwa wahluleka ukudlula kunozinti weLiberia, esebhekene naye walibeka eceleni kwepali esehudule amadoda.
Ngomzuzu ka-68 iLiberia, ithole igoli ngonyawo lukaToni Tidsell, obengene ngesiwombe sesibili.
Ngenkathi iBafana isizitshela ukuthi isiwafake esikhwameni amaphuzu amathathu, uMohamed Sangare, obengene ngesiwombe sesibili ufike njengesela ebusuku, ededela inguzunga yeshodi ngomzuzu ka-89 enika ezakhe elokulinganisa elenze kwaba ngu 2-2.
Kufanele izisole yona iBafana, ngokwehluleka ukunqoba umdlalo ngenxa yokushweba amagoli ekubeni iLiberia, ibixega odongeni lwasemuva.
Lo mphumela usho ukuthi ezikaBroos zisiwadinga ephelele amaphuzu amathathu kumnyama kubomvu ngoLwesibili ngo-6 ntambama, emdlalweni womlenze wesibili neThe Lone Stars, eSamuel Kanyon Doe Stadium, eMonrovia. Kubukeka kuzoba nzima kakhulu ngoba idlale ngamathuba idlalela ekhaya.