INHLANGANO eyengamele ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa (CSA), ithi isaqhubeka nezinhlelo zokusabalalisa umdlalo wekhilikithi kuleli, nakuba zisekhona izinselelo ebhekene nazo.
Lokhu kushiwo ngusihlalo webhodi leCSA, uLawson Naidoo, engxoxweni ekhethekile neSolezwe.
Ubephawula kulandela ukuvungama okuqale ngesikhathi kumenyezelwa iqembu lesizwe labesilisa lakuleli elizodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 eqale e-USA naseWest Indies ngeSonto.
Umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter, uqoke umdlali oyedwa omnyama, uKagiso Rabada, bese kuthi uLungi Ngidi abengoyedwa wababili okungenzeka babizwe uma kukhona abalimalayo.
AmaProteas azodlala umdlalo wokuqala wamaqoqo neSri Lanka eNew York ngoMsombuluko ntambama.
Xolile Mpisane: Ngabe iCSA iyavuma ukuthi iqembu elizomela iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba yeT20 liphambene nemigomo inhlangano eyazibekela yona yokuthi kumele iqembu lesizwe libunjwe kanjani?
Lawson Naidoo: Siyibhodi leCSA siyavuma ukuthi izibalo zabadlali abamnyama eqenjini lesizwe elizodlala kule Ndebe yoMhlaba azihambisani nemigomo yeCSA. Noma kunjalo, zikhona izizathu eziholele kulokho okumele singazizibi. Umdlalo weT20 ushintshe ngokushesha eminyakeni edlule. Kunabadlali abakhethekile abenza kahle kulolu hlobo lwekhilikithi kodwa ngeshwa ababaningi abamnyama asebefike kulelo zinga. Umqeqeshi ukhethe iqembu elizosinika ithuba lokuphumelela kulo mqhudelwano.
XM: Yini eholela ekutheni singanyuki isibalo sabadlali abamnyama abalungele ukudlala ezingeni eliphezulu kwiT20?
LN: Ziningi izingqinamba esibhekene nazo kwikhilikithi. Yebo, akuzona izinkinga ezintsha kodwa yizinto esaqala ukuzilungisa kusukela ngeminyaka yo-1990 ngesikhathi kufika inkululeko, sibuyela emidlalweni yamazwe ngamazwe. Inselelo enkulu esisabhekene nayo ukungabi nengqalasizinda yekhilikithi eyanele emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
XM: Zithini izinhlelo zokulwa nale nselelo nokunye okuphazamisa inqubekelaphambili?
LN: Siyibhodi leCSA elaqokwa ngo-2021, into yokuqala esayenza ukubhala phansi izinto esifisa ukuzifeza eminyakeni emihlanu. Sasingabhekile kuphela ukukhuphula isibalo sabadlali abamnyama kodwa sasibheke ikhilikithi yonke, okuhlanganisa izikhulu, o-umpire, abaqeqeshi nabo bonke abantu abadingekayo ukuze umdlalo uqhubeke. Sikholwa wukuthi kuningi okuhamba kahle futhi akufanele sigxile emaphutheni kuphela bese sicabanga ukuthi izinhlelo azisebenzi.
XM: Ngokubona kweCSA, yikuphi okuhamba kahle ekuthuthukiseni ikhilikithi kuleli, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngabantu abebengavumelekile ukuyidlala phambilini?
LN: Uma sikhuluma ngabadlali kuphela, sesibone inqwaba eqhamuka emalokishini esikwazile ukufinyelela kwikhilikithi ekhokhelayo, kwabesilisa nabesifazane. Inkinga wukuthi iningi labo ngabashwibi. Kufanele sandise isibalo sabadlali abamnyama abashayayo.
XM: Ngabe senitholile ukuthi kungani kulukhuni ukukhiqiza abadlali abashayayo abamnyama?
LN: Kubuyela odabeni lwengqalasizinda. Uma ungumshwibi ungakwazi ukuthuthukisa ikhono kunoma yiluphi uhlobo lwenkundla. Uma ungumdlali oshayayo udinga ukudlala enkundleni yekhilikithi esezingeni elamukelekile. Sinohlelo lukazwelonke lwama-Hubs lapho sizama khona ukuthi abadlali bahlanganiswe, badlale ezinkundleni ezingcono baphinde bacijwe abaqeqeshi abanolwazi oluthe xaxa ukuze bathuthuke. Lezi yizinhlelo ezineminyaka ziqhubeka, aziqali manje ngoba sikhathazeke ngesikwati esisanda kumenyezelwa. Siyavuma ukuthi azikatheli izithelo esizilindele kodwa seziqalile.
XM: Yimaphi amagxathu enihlose ukuwathatha ukuze impumelelo ifike ngokushesha?
LN: Uma ubheka imiqhudelwano yasekhaya, sebekhona abadlali abamnyama abashayayo asebeqalile ukugqama. Inkinga wukuthi uma uqoka iqembu lesizwe ukhetha abadlali abangu-15 noma ngaphezudlwana, okusho ukuthi baningi abanye abasala ngaphandle. Inselelo esibhekene nayo wukuthi siqinisekise ukuthi laba badlali abasebancane sibabeka kanjani ezingeni lokudlala imiqhudelwano emikhulu. Lokho akuqondene nabadlali abamnyama kuphela kodwa bonke abadlali bakuleli. Kunzima kubona bonke ukusuka emaqenjini asekhaya bangene eqenjini lesizwe.
XM: Yini edala ukuthi iqembu lesizwe labesifazane likwazi ukunyusa isibalo sabadlali abamnyama ekubeni elabesilisa libukeka lihlehlela emuva?
LN: Ngeke ngisho ukuthi elabesilisa lihlehlela emuva ngoba uma sibheka iqembu lemidlalo yama-over angu-50 nele-Test, isibalo sabadlali abamnyama singcono kunaleli le-T20. Naseqenjini labesifazane siyakwazi ukukhiqiza inqwaba yabashwibi abasezingeni eliphezulu kodwa nakhona sisabhekene nenselelo yabadlali abashayayo. Sesiqalile ngezinhlelo zokuhlanganisa amaqoqo abadlali abamnyama abashayayo beminyaka ehlukene esibheke ukuthi baqeqeshwe kabanzi. Labo abanemiyaka engu-15 asebeqalile bazobe sebeneminyaka engu-17 eminyakeni emibili ezayo uma sesibheke eNdebeni yoMhlaba ka-Under 19. Laba abaneminyaka engu-19 kuya phezulu bazobe sebeqine ukhakhayi.
XM: Njengoba kuzothatha isikhathhi ukuthi kwakhiwe izinkundla zekhilikithi emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, yiziphi ezinye izinhlelo eninazo?
LN: Njengoba ngike ngaluthinta uhlelo lwamaHubs - yilona esihlose ukuthi lusheshe lukwazi ukubona abadlali abanamakhono ukuze bafakwe ezikoleni ezinezinkundla ezifanele, basheshe bajwayele ukudlala kuzona. Sidinga nokuxhaswa nguhulumeni nezinkampani. Uhulumeni usisizile ukuthi siqale iligi yabesifazane ekhokhelayo nokuyinto eyenze umehluko omkhulu. Uma kungatshalwa imali ethe xaxa nomehluko ungasheshe ubonakale ngoba izinhlelo nezifiso zikhona. Okwamanje nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke iqembu lethu eNdebeni yoMhlaba ukuze liqede ishobolo lokungawunqobi lo mqhudelwano. Sikholwa wukuthi uma lingenza kahle miningi iminyango engavuleka kwikhilikithi yakuleli.