KUBUYE inhlansi yethemba kuThabiso "The Rock" Mchunu engakhishwa ezilinganisweni zomhlaba nakuba eshayiwe empini yakamuva yebhande le-WBC Silver Cruiserweight.
Abalandeli balo mshayisibhakela waKwaXimba eCato Ridge, bayiqale kabi impelasonto edlule, eshaywa ngamaphuzu uYamil Alberto Peralta wase-Argentina.
Le mpi beyihlelwa iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi, obekunethemba lokuthi uma enqoba uMchunu uzolwela isicoco seWBC World Cruiserweight okumanje siphethwe uNoel Mikaelian wase-Armenia.
Nokho uMchunu akashayanga lesi sibhakela esiqhwiza umentshisi aziwa ngaso. Kwale noma abalandeli sebemgqugquzela ngokumculela.
Abanye baze balibeka ngembaba elokuthi uhlulwe ngenxa yokuthi bese kuphele isikhathi eside agcina ukulwa. Wayegcine ukungena eringini ngoJanuwari wango-2022.
Izolo uMchunu ocijwa uSean Smith, utshele Isolezwe ukuthi osekumnika ithemba ukuthi akakhishwanga ngokuphelele ezilinganisweni.
Inkampani ehlela izilinganiso zomhlaba, kwizinhlangano ezehlukene, iBoxrec, imhlisele endaweni yesi-11.
"Izindaba ezinhle lezi. Nakuba izilinganiso zakamuva zeWBC zizophuma emasontweni ezayo kodwa sengiyazi ukuthi ngeke ngehle kakhulu kuzo.
“KwiCruiserweight emhlabeni jikelele, iBoxrec ingehlisele kweyesi-11. Mayelana nempi elandelayo ngisazohlala phansi nemenenja nophromotha sibone ukuthi simisa kanjani," kubeka uMchunu.
Ngendlela alwe ngayo uMchunu uzisole yena ngokungasifundi kahle isitha sakhe.
"Bengilwa nomuntu oyigwala, ubeshaya bese eyabaleka. Uma kwenzekile sasondelana ubengibamba, akonakele, asazoqhamuka amanye amathuba ezimpi,“ kubeka uMchunu.
UNomvelo uthe nakuba ehlangabezane nezingqinamba ehlela lo mqhudelwano kodwa ubonga ukuthi uhambe kahle, wasephoxwa yiko ukwehlulwa kukaThabiso.
"Ngibonga ukuthi konke kuhambe kahle. Kungithwalise kanzima ukwenza lo mqhudelwano. Ngibe neshwa kuhoxa abaxhasi singalindele. Kukhulwa kanjalo-ke empilweni," kubeka uNomvelo othe usazohlala phansi noMchunu babonisane ngenqubekela phambili.
Uthe uma kuhambe kahle uzophinde enze ezinye izimpi ngoJulayi noma uSepthemba. UMchunu usenqobe izimpi eziwu-24, washaywa kweziyisikhombisa.
Kulo mqhudelwano, uThulani "Tulz" Mbenge uhlule uLeonardo Fonseca wakhona e-Argentina kweyomhlaba yokungcweka kwi-Welterweight.
Kwezamabhande aKwaZulu-Natal, uNtethelelo Magcaba ube umpetha omusha wele-Junior Bantamweight ehlula uNkosinathi Sibiya.
Kwele-Super Middleweight kunqobe uSnamiso Ntuli ngokushaya u-Andile Mtungwa.