KUVUKE umunyu wakhumbula uyise ongasekho emhlabeni, uNkosingiphile "The Prince" Sibisi ojabulise abathandi bezamankomane KwaZulu-Natal enqoba ibhande laseNingizimu Afrika kwi-Flyweight.
Kule mpi ebisezingeni eliphezulu, le nsizwa yaseGlencoe, eDundee ihlule ngamaphuzu uTrevor Nghonyama waseLimpopo, e-Escourt Town Hall ngempelasonto. Isicoco besingaphethwe muntu njengoba silaxazwe uJackson "M3" Chauke emuva kokuthi enqobe ibhande le-IBO Flyweight, eLondon ngoJanuwari.
USibisi utshengise zisuka ukuthi isicoco se-SA Flyweight ufuna sisale kulesi sifundazwe. Ubeshaya isibhakela esihlanzekile. Imihlokolozo nezibhekela ubekukhipha ngesikhathi esifanele.
Empeleni ngomzuliswano wesithathu iningi belithi uyaqeda ngoNghonyama. Uphazanyiswe wukungabi nezibhakela eziqinile. Sekusele imizuliswano emine kuphele impi, kugqame ukukhathala kuye. Nokho usigweme ngobukhulu ubuchule isitha sakhe.
Ngemuva kwale mpi kuvuke umunyu kuSibisi echaza ngebanga elinzima alihambile njengoba esengumpetha kazwelonke.
Uthe isicoco usinqobele uyise, uThulani Sibisi owadlula emhlabeni ngo-2008.
"Leli bhande ngilinqobele wena baba. Ngiyazi ukuthi ubufuna ngidlale ibhola njengoba ubungumqeqeshi walo. Ngethemba ukuthi lapho ukhona usuyabona ukuthi kangenzanga iphutha ngokulandela ubizo lwami. Ngethemba ukuthi uzoqhubeka nokungivulela izinhlanhla," kubeka uSibisi, ocijwa ngaphansi kwejimu eyaziwa ngokuthi iseMgodini, eSibongile, eDundee.
Ubonge wanconcoza kuHlengiwe Dladla ongumnikazi weHle-Jobe Boxing Promotions nakubaqeqeshi bakhe, uMtuseni Dube noNkosinathi Thusi.
"Kuyisibusiso ukuba khona kukamama uHlengiwe empilweni yami. Ngenxa yakhe sengizuze izinto ebengingazitsheli ukuthi ngizozithola. Ngibonga kakhulu nakubaqeqeshi bami. Ngaphandle kwabo ngabe akunjena. Ngabe ngenza elikhulu iphutha uma ngingakhohlwa ozakwethu eMgodini. Ngibonga nakubo bonke abangesekile.“
Kulo mqhudelwano izibukeli zibuye zajatshuliswa uLindelani Sibisi wakhona eDundee, ogingqe u-Ally Said waseTanzania ngomcacamezelo womlalisaphansi kwi-WBF Featherweight. UMxolisi Zuma waseMpangeni wenze okufanayo kuRamadhani Milonzi wasezweni elifanayo kweye-WBF Intercontinental Junior Featherweight.
UHlengiwe Dladla uthe bajabule ngokuba impumelelo kwalo mqhudelwano. Ubonge namabhokisa ajimela eMgodini ngokuzimisela kanjalo noMnyango wezeMidlalo ngokubaxhasa.
"Sibonga kakhulu emnyangweni, bekuyiwona wodwa obusixhasile. Sicela izinkampani ezizimele zenze okufanayo. Isibhakela ngeke sifinyelele ezingeni elifanele uma zizohambela kude.“
USibisi usengumpetha wesibili kwabesilisa waKwaZulu-Natal kwabayizingqwele zamabhande kazwelonke. Ulandela uNtethelelo Nkosi ophethe ele-Junior Welterweight. Kwabesifazane ompetha bakwazelonke uMapule Ngubane ophethe ele-Middleweight, Thema Zuma (Junior Bantamweight) noNomusa Ngema (Junior Featherweight)