UFUNGA uyagomela ukuthi luzosongwa usuku lwangoMgqibelo esengumpetha webhande le-SA Flyweight, uNkosingiphile "Prince" Sibisi waseSithembile, eGlenco, enhla neKwaZulu-Natal.
USibisi (23) oqeqeshwa nguMtuseni Dube ngokubambisana noNkosinathi Hlatshwayo, uzobanga lesi sicoco noTrevor Nghonyama waseLimpopo, ngoMashi 30, e-Estcourt Town Hall.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa iHle-Jobe Boxing Promotions. Ngaphansi kwawo kuzophinde kube nezimbili zomhlaba. Kweyokuqala, uMxolisi Zuma uzobanga noRamadhani Milonzi waseTanzania ibhande le-WBF Intercontinental Junior Featherweight.
Enye iphakathi kukaLindelani Sibisi no-Ally Said kweyaso lesi sicoco kwiFeatherweight. UNkosingiphile noNghonyama bathola leli thuba lokulwela iSA Flyweight ngenxa yokuthi ilaxazwe uJackson "M3" Chauke ngenxa yokunqoba i-IBO Flyweight. KwebiseYork Hall, eLondon, ngoJanuwari eshaya ngamaphuzu uQuaise Khademi wase-Afganistan.
Kusukela uSibisi eqale isibhakela kubukeka isabambe ngakho. Usazinqobe zoyisithupha izimpi asazilwile.
Ngenxa yesibhakela esihle asishayayo, akumangazanga nyakenye ukumbona enqoba ibhande le-KZN Flyweight, ehlula ngamaphuzu uNjabulo Buthelezi.
Kweyokungcweka ebeyilwa ngoDisemba, nyakenye, uphinde watshengisa ukuvuthwa eshaya uSibonelo Maseko ngomcacamezelo womlalisa phansi.
Utshele Isolezwe ukuthi uthole isikhathi esanele sokulungiselela impi ezayo.
Lokhu kwenziwe ukuthi lo mqhudelwano bekumele ube ngoFebruwari 23, wabe sewuhlehliswa.
Ngenxa yokulangazelela isicoco sikazwelonke, uSibisi uveze ukuthi bese behlela ukufaka inselelo kuChauke.
"Impela ukube uChauke akazange alilaxaze phansi leli bhande bengizomcelela esitikini. Omunye uzothi ngisantula isipiliyoni kulo mdlalo, kusesekuseni ukuthi ngiqhathwe empini yebhande likazwelonke. Yebo kunjalo ngisemncane. Nakuba kunjalo angisabi ukusho ukuthi ngiyazethemba ngesibhakela engisishayayo. Abangaziyo bazovumelana nami. NgoMgqibelo ngizoqhubeka nokuphoxa abangingabazayo. Lizoshona ilanga sekungelami ibhande le-SA Flyweight," kubeka uSibisi.
Uveze ukuthi uNghonyama ufana nencwadi evaliwe njengoba engakaze ambone elwa.
"Ngihluleke noma sengifuna izimpi eziqoshiwe zikaNghonyama. Engikwaziyo ngaye ukuthi usanqobe ezimpi ezinhlanu, wahlulwa kwezimbili. Okunye ukuthi ulwe kahle ezimpini ezimbili zokugcina. Nakuba kunjalo, angethukile, ngizobe ngilwela ekhaya. Ngeke ngivume ukuthi asuke eLimpopo azongishayela ekhaya.“