UZIBONA esekulungele ukulwela ibhande uNoxolo "Bumblebee" Mkhasibe (31) okuyintokazi yaseGeorgedale, eHammarsdale, eThekwini.
UNoxolo ujabulise abalandeli bakhe eshaya u-Emily Kubwalo waseZimbabwe emqhudelwanweni wamabhokisa abesifazane obuseLimpopo.
Kulezi zimpi ebezihlelwe iMama Rocks Boxing Promotions, bezizintathu izintokazi ebezimele iKwaZulu-Natal.
Kweyokuqala uNoxolo ocijwa uFani "Pro" Cabe, unqobe ngamaphuzu kweyeMiddleweight.
Unqobe kungokokuqala elwa kwimizuliswano eyisithupha. Ngaphambi kwale mpi, ubeshaye uNobengazi Booth kwebiyimizuliswano emine.
Ezimpini ezinhlanu unqobe ezithathu, wahlulwa kwezimbili. Enye intokazi uNtobeko "Xovizwe" Thusi yaseNkandla ushaye uGudani Mudau ngomcacamezelo womlalisa-phansi emzuliswaneni wesibili.
Bekuyimpi yesithathu uNtobeko enqoba kulandelana.
Ube neshwa uWendy Gcadu waseLindelani, khona eThekwini, unompempe emisa impi yakhe noCaroline Rabali ngenxa yokuthi ubesevuleke inkebenkebe yengozi ngenhla kweso.
Bekuyimizuliswano eyisithupha. Imiswe kowesibili maqede kwamenyezelwa ukuthi iphele belingene ngamaphuzu.
UNoxolo utshele Isolezwe ukuthi ukunqoba kuKubalwo kumjabulise ngezindlela ezahlukene.
"Okungithokozisa kakhulu ukuthi nginqobe ekubeni bekungokokuqala ngilwela ngaphandle kwaKwaZulu-Natal. Bengiqala nokulwa imizuliswano eyisithupha. Ngiphinde ngithokoziswe nawukuthi bengilwa ngomgqigqo owodwa, omuhle koyo yonke imizuliswano.
“Ngashaywa uvalo ngesikhathi umqeqeshi uPro engitshela ukuthi ngizolwa kwimiziliswano eyilesi sibalo. Nokho yabuye yehla ingebhe kwazise ngiyibhokisa eliqatha, ngihlale ngisejimini," kubeka uNoxolo ovele wafa yinsini uma ebuzwa ukuthi uzibona esekulungele yini ukufaka inselelo kuMapule Ngubane oyingqwele yebhande le-SA Female Middleweight?
"Uhlobo lomdlalo esikuwo udinga ukucophelela okuyisimanga. Uma ugagamela usala endleleni. Ukulwela ibhande likazwelonke yinto engingakaphuphi ngayo. Kuningi okusamele ngikufunde. Engibona sengikulungele wukulwela ibhande le-KZN Middleweight. Kulabo ntangayami kulesi sigaba kangimboni ongama endleleni yami. Ngizimisele ukuzihamba zonke izigaba ngaphambi kokufika esicongweni.“