UPHOXEKILE ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi liqunjwa phansi yiDHL Stormers ngo-46-19 emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) ngoMgqibelo umqeqeshi weCell C Sharks ophinde abe ngumqondisi wezombhoxo, uNeil Powell.
I-Sharks yenze inqwaba yamaphutha kuzo zonke izingxenye zenkundla kulo mdlalo obuseHollywoodbets Kings Park.
Ngaphambi kwalo mdlalo, uPowell ubenxuse iqembu ukuthi lidlale ngomfutho namandla eliwakhombise ngesikhathi lishaya i-Edinburgh ekuhambeni emdlalweni walo odlule kodwa lenza okuphambene nalokho.
“Asidlalanga kahle neze. Silwile emdlalweni wangesonto eledlule (ne-Edinburgh) kodwa asibonakalanga nhlobo kulo mdlalo. Siphoxekile kakhulu kodwa kuyisifundo esihle futhi kufanele siwamukele lo mphumela,” kusho uPowell.
“Azikho izaba. Kufanele sibe ngcono siphinde sifunde emaphutheni ethu. Besazi ukuthi iStormers iyiqembu elingakujezisa uma wenza amaphutha futhi ikwenzile lokho kulo mdlalo.”
Nakuba iSharks idlale ngaphandle kwezethenjwa eziseqenjini lesizwe njengoSiya Kolisi, Lukhanyo Am, Bongi Mbonambi no-Eben Etzebeth, uPowell ukholelwa ekutheni laba abebedlala bekumele benze kangcono.
Uqhube wathi yena nethimba labaqeqeshi bazophinde baphenye ukuze baqonde ukuthi bebengawulungiselela kangcono kanjani umdlalo.
“Angazi noma besicabanga ukuthi ngemuva komdlalo wase-Edinburgh, lo kuzoba wumdlalo olula ekhaya yini. Singabaqeqeshi sizophinde sibhekisise ukuthi yini ebesingayenza kangcono ngesikhathi sihlelela lo mdlalo,” uqhube kanje.
“Akufanele sidlale kahle, silwe emdlalweni owodwa bese kolandelayo kungabikhona lutho. Sizozinuka amakhwapha siqinisekise ukuthi asiphinde sizibeke kulesi simo.
“Uma sifuna ukuba yiqembu elingompetha, kufanele silwe kuyona yonke imidlalo futhi sizilungiselele ukubhekana nakho konke okuzolethwa yizimbangi zethu.”
ISharks isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-12, kanti iStormers isahleli endaweni yesibili ngamaphuzu angu-50 emidlalweni engu-13.
Amaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu ekupheleni kwesigaba samaqoqo azodlulela kuma-quarter-final.
ISharks izodlala umdlalo olandelayo we-URC neLions eGoli ngoMgqibelo ozayo.