ISILOMO somshayisibhakela wakuleli, uSivenathi Nontshinga, esiyingqwele ye-IBF Junior Flyweight, sithi phansi amaphaphu, sesifunde konke ngesitha esizovikela kuso ibhande laso.
Leli qhawe lizovikela leli bhande kuSunny Edwards wase-United Kingdom (UK), ngoJulayi 29, ekuhambeni. UNontshinga odabuka eMdantsane, e-East London, e-Eastern Cape, ujabulise abantu bakuleli enqoba isicoco se-IBF Lightweight ku-Andrian Curiel waseMexico kade kuyimpinda mshaye.
Empini yokuqala uCuriel wanqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi kubangwa ibhande elifanayo.
Saba sikhulu isililo kuleli njengoba ngaleso sikhathi ubengekho obephethe isicoco esihlonishwa umhlaba wonke kwizicoco ezine ezihlonishwayo emhlabeni.
Lezi zicoco iWBC, WBA, IBF neWBO. ENingizimu Afrika kwagcina ngoZolani "Last Born" Tete. Ayisaphathwa-ke eyebhande le-WBC (okuyilona elihlonishwa ukuwedlula wonke emhlabeni) kwagcina ngoDingaan "The Rose of Soweto" Thobela ongasekho emhlabeni. Owokuqala kwaba uThulani "Sugarboy" Malinga odabuka eMnambithi.
UNontshinga obekhuluma naleli phephandaba elokhu ekugcizelele ukuthi uyazilolonga, uthe ngeke alenze iphutha lokuphoxa abantu bakuleli.
"Khumbula ukuthi imina ngedwa ophethe i-IBF kuleli. ngiyingqwele," esho ehleka,
Uqhube wathi:" Kuyaphoqa ukuthi ngilivikele noma kanjani leli bhande. Kuyiko-ke ukuthi ngizogcina ngilwele ngaphandle. Ngijatshuliswa ukuthi wonke amalungiselelo ahamba kahle. Ngingcweke nabantu abahlukene, bezisindo esingafani. Ngizolwa ngakho konke enginakho. Le mpi kumina ibalulekile. Ngaphandle kwezwe, nami, kumele ngilwele nabantu base-Afrika jikelele. Siyizwekazi singabangu ablilwelayo. Kubalulekile ukuthi sihlale sizivikela," kubeka uNontshinga.