UMPETHA omusha we-SA Female Junior Featherweight, uNomusa Ngema, unesifiso sokuligcina iminyaka leli bhande.
UNgema waKwaMashu, uwine leli bhande ekupheleni kwesonto eledlule emuva kokwehlula ngamaphuzu umpetha uMatsidiso Mokatsane waseFree State obekuneminyaka eliphethe.
Ngalokhu, uNgema usengumpetha wesithathu waseNingizimu Afrika kubashayisibhakela besifazane baKwaZulu-Natal. Ulandele ezinyathelweni zikaThema Zuma waseDududu, eMkhomazi, ongumpetha we-SA Female Super Flyweight noMapule Ngubane waseMgungundlovu oshaya amaphiko esigabeni seMiddleweight.
“Ngijabule kakhulu ngokuba ngumpetha. Namanje angikakholwa, nasekhaya abakakholwa. Ngimangaze abantu abaningi abebengangithembi. Ngibubonile ubuhlungu kubantu baseFree State abebengazitsheli ukuthi ibhande lizohamba. Uma kuphela amaholidi ngiphindela ejimini. Ngifuna uma kukhona abalifunayo ibhande bangithole ngisesimeni. Ngifuna ukuligcina isikhathi eside leli bhande nami ngenze ngalo imali,” kusho uNgema.
Imenenja kaNgema, uMichael Sediane we-African Child Promotion, ithe bahlela imibhiyozo ezoba KwaMashu kusasa ukuze ukunqoba kwakhe akujabulele nomphakathi wakhe. UNgema uqale isibhakela khona KwaMashu esemncane eqeqeshwa esigabeni sama-amesha. Uwinele iKZN izindondo eziningi, wamela neNingizimu Afrika emiqhudelwaneni ehlukene. UNgema unyukele esigabeni esikhokhelayo nomqeqeshi wakhe uBasil Kotelo ngo-2021.
“Ngifisa abhiyoze nabo bonke abantu abamesekile kusukela kudala. Yinto enkulu ukuwina ibhande laseMzansi. Yebo, ngihlala naye eGoli kodwa uNomusa ungowaseKZN. Sihlela ukuthi kube nombukiso emigwaqweni yaselokishini lapho ezokhombisa khona umphakathi ibhande lakhe. Ngifisa kufike ngisho uNomvelo (Magcaba-Shezi) onguphromotha okholelwa kakhulu kuNomusa futhi omnike ithuba esigabeni esikhokhelayo,” kusho uSediane.
USediane uthe sebeqalile ukumhlelela impi yokuvikela ibhande uNgema ezoba ngoMashi nembangi esazomenyezelwa.
Mayelana nempi, uNgema, uthe: “Ibingenzima. Ngicabanga ukuthi yingoba bengiyilungiselele kakhulu. Bengimhlonipha uMatsidiso njengompetha. Mhlawumbe naye bekudingeka angihloniphe kancane. Ngicabanga ukuthi ungithinte kabili kuphela empini yonke. Bengimhlelele kakhulu.”