UPATRICE Motsepe ukhethwe ngo-elethu ekuthatheni ihlandla lesibili esikhundleni sokuba ngumengameli weConfederation of African Football (Caf).
UMotsepe okhethwe emhlanganweni omkhulu weCaf obubanjelwe eCairo, e-Egypt, ngoLwesithathu, uzohlala kulesi sikhundla kuze kube ngu-2029.
Le njinga yezimayini eyakhethwa okokuqala ngo-2021 kwesokwengamela le nhlangano ephethe ibhola e-Afrika, akungatshazwa ukuthi ukubuyiselwa kwayo esikhundleni kungenxa yezinguquko efike nazo. Phakathi kwezinto anconywa ngazo uMotsepe wukwandiswa kwemali emiqhudelwaneni engaphansi kwale nhlangano okubalwa kuyona iChampions League ne-Africa Cup of Nations (Afcon).
UMotsepe ukhethwa nje, ubelokhu ewuhlabe inhlali ngokungenela kwakhe ukhetho okwehlandla lesibili. Nokho ngo-Okthoba nyakenye ugcina ephumele obala ngokuthi unaso isifiso sokuthatha elinye ihlandla.
Ukuqokwa kukaMotsepe, ongumnikazi weMamelodi Sundowns, kwesokwengamela iCaf kwaphoqa ukuthi ashenxe esikhundleni sokuba ngumengameli waleli qembu. Izintambo ziphethwe yindodana yakhe, uTlhopie Motsepe,kuleli qembu laseChloorkop.