UNGENE esibhakeleni ngoba ehalela ukuhamba izindawo bhusende umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uSanele Mhlungu, osewine amabhande amabili kulo nyaka.
UMhlungu waseLindelani, eDundee, uwine ibhande le-WBF International Junior Featherweight, ehlula uLebogang Pilane ngoMgqibelo eKapa.
Le mpi kade ingeyosuku kwebezihlelwe yiJackie Brice Promotions. Ngokwesibili kulo nyaka uMhlungu ewina ibhande kwazise ngo-Ephreli uhlabane ngele-KZN Mini-Flyweight alithole ehlula uSibonelo Maseko waseDumbe, ezimpini ebezihlelwe yiMvelo Promotions neHle-Jobe Promotions eMgungundlovu.
"Ngijabule kakhulu Ngokuwina ibhande le-WBF. Lokhu kuyinto enkulu kimi. Kuwumphumela wokusebenza kwethu njengomndeni ejimini yethu iSibongile Boxing Club," kusho uMhlungu.
“Thina siyibiza ngeSibongile Boxing Family ngoba siwumndeni. Sibambene. Noma ngingenayo impi kodwa ngiyavuka ngiyojima ngeseke osuke elungiselela impi ngoba siwumndeni.”
Nakuba uMhlungu esengomunye wabashayisibhakela abathandwayo e-KZN kodwa ungene engaqondile kulo mdlalo.
"Bengingumdlali webhola futhi ngilidlala kakhulu, ngicula ne-street rap futhi. Indaba yaqala ngesikhathi umngani wami uGcina Makhoba (Umpetha we-WBF Junior Bantamweight) sisafunda uGrade 10 eThalane High School’ engitshela ukuthi bayodlala eKapa futhi abakhokhi lutho.
“Ngavele ngahala, ngalangazelela ukungena ngoba nami ngifuna ukuhamba izindawo mahhala. UGcina ubelokhu engikhombisa ekilasini ukuthi kwenziwa kanjani esibhakeleni ngaze ngajoyina ijimu.
“Ngenhlanhla ngesikhathi ngiqala ukulwa kwakuqokwa abazoyomela i-KZN. Ngawina ngangena eqenjini.”
UMhlungu, osenezimpi eziyisishiyagalombili, ungene esibhakeleni esikhokhelayo ngo-2018 kanti kubhekwe lukhulu kuyena.
Kodwa uzifake emihlanjini engalungile lacishe lashalala ikusasa lakhe. Ubuyiselwe endleleni ngumqeqeshi wakhe waseSibongile Boxing Club, uNathi Hlatshwayo.
“Isibhakela bengingasithathi njengento engingazinikela kuyona. Bengizidlalela nje kodwa uthando lwaso selukhulile manje ngoba sengiyabona ukuthi impilo yami ngingayishintsha ngaso.
“Ngibonile ukuthi uma uzinikela kuyalunga. Ngifuna ukuqhubeka manje nokusebenza kanzima, ngiwine amanye amabhande,.”
ISibongile Boxing Club ibhiyozela impumelelo kaMhlungu-nje, ngo-Ephreli ikhiqize umpetha wesifazane uBathabile Ziqubu owine ibhande le-WBF Africa Junior Bantamweight.