UZOLWELA ukunqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi ukuze anyuke ezilinganisweni zeWorld Boxing Council uThulani “Tulz" Mbenge ozoxhimfana noLeonardo Fonseca wase-Argentina, empini yesisindo se-welterweight e-Olive Convention Centre, eThekwini namhlanje kusihlwa.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa yiMvelo Boxing Promotions, amasango ayo azovulwa ngo-1 emini.
Kuzoqala izimpi zama-amesha kuthi ezikhokhelwayo ziqale ukusakazwa kwaSABC 2 ngo-7 kusihlwa. Amathikithi aqala lu-R100.
Impi kaMbenge izobhulela amazolo eyosuku ephakathi kukaThabiso "The Rock" Mchunu ozolwa noYamil Alberto Peralta wase-Argentina embangweni webhande elingaphethwe muntu le-WBC Siver Cruiserweight.
Bobabili uMbenge noMchunu baqeqeshwa uSean Smith, eGoli kanti uze waphela golokoqo unyaka odlule bangazange bangene eringini.
Ngakolunye uhlangothi, izitha zabo nyakenye zilwe izimpi ezimbili kuya phezulu.
UMbenge odabuka eMdansane, e-East London e-Eastern Cape, ugcine ukulwa ngoDisemba wango-2022 ehlula ngamaphuzu uSuleymane Cissokho waseSenegal kodwa osehlala eFrance. Kwakubangwa yona i-WBC Silver nokho kwi-welterweight.
Uthe ngeke kumphazamise ukuhlala unyaka engalwi kanti okumhlalise ejimini yizimpi ebeziqhamuka ziphinde zibhuntshe.
‘“Lezi zimpi ngezaseRussia, Germany naseMelika. Ayi ngoba ngizikhukhumeza, kuleli ukuqhatha amabhokisa afana nami noThabiso kuyabiza.
“Yingakho esikhathini esiningi silwela phesheya. Ukungalwi ngonyaka odlule akusho ukuthi asisekho ezingeni lethu," kubeka uMbenge owaziwa ngokuba namandla.
Useke waphatha ibhande le-SA Welterweight, WBC International, IBO, ABU neleWBA Pan African Welterweight.
Ukungalwi nyakenye kukaMbenge kuholele ekutheni akhishwe ezilinganisweni zeWBC. Uphume kuzo elele kweyeshumi.
Lo mshayisibhakela utshele Isolezwe ukuthi okuhle ukuthi uma enqoba ngomngqimuzo womlalisa-phansi uzobuyela ezilinganisweni endaweni yeshumi. Uma enqobe ngamaphuzu uzongena ku-Top 15.
"Maningi amathuba okuthi sinoThabiso uphele lo nyaka sesililwelile ibhande le-WBC World. Okwethu wukunqoba kula mabhokisa ase-Argentina.
“Okunye okuhle ukuthi umqeqeshi behambe noKevin Lerena ukuya eSaudi Arabia. lapho efike wakha ubudlelwano obuhle nophromotha bakhona.
”Maduze nje ozakwethu abasesitebeleni sethu bazobe beyolwa khona,“ kusho uMbenge.
Mayelana nesitha sakhe, uthe ukwazile ukubuka izimpi zaso ezindala eziqoshiwe.
"Ngisibonile ukuthi silwa kanjani kodwa ngeke ngiqagule ukuthi sizolwa kanjani nami. Impi ngayinye ihlelelwa ngendlela ehlukile.
“Okunye kwakho engikuqaphelile ukuthi isitha sami siwumuntu olwa eza phambili. Nokho uma umxina ngezibhakela uyadideka engqondweni,“ kuphetha uMbenge.