KUBE yimpumelelo ukubuyela kukakaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, enkundleni njengoba esize iqembu lesizwe lombhoxo ukuthi linqobe umdlalo wokulungisela iNdebe yoMhlaba ezoqala ngenyanga ezayo eFrance.
UKolisi, obegcine ukudlala ngo-Ephreli ngenxa yokulimala edolweni, uwuqalile umdlalo wasidlala sonke isiwombe sokuqala ngesikhathi amaBhokobhoko equmba phansi iWales ngo 52-16 eCardiff ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo akazange akhombise ukungakhululeki ngesikhathi egijima, noma emaka futhi ubambe elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwe-try yokuqala eshaywe nguMalcolm Marx.
“Kungijabulise kakhulu (ukubuyela enkundleni). Ngingene emdlalweni ngingenalo uvalo. Indlela esizilolonge ngayo yiyona engilungisele kakhulu,” kusho uKolisi ngemuva komdlalo.
“Ngikhumbula ngesikhathi sizilolonga ngicela ozakwethu ukuthi baqaphele uma bengimaka kodwa uPieter-Steph (Du Toit) ungitshele ukuthi angikholwe wukuthi sengeluleme futhi kumele ngilethembe idolo lami.
Lezo yizeluleko ongeke ukwazi ukuzithenga, ikakhulukazi uma ziqhamuka kumdlali oke wabhekana nesimo esifanayo.
“Iqembu selilonke lidlale kahle. Besingaziphatha kangcono, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala kodwa besifuna ukugxila ezinhlelweni zethu futhi ngicabanga ukuthi sikwenzile lokho. Emdlalweni ozayo sizobhekana nenselelo ehlukile, ngakho-ke kuzofanele sivuke futhi.”
AmaBhokobhoko asezodlala neNew Zealand eTwickenham Stadium eLondon, ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni wokungcweka wokugcina ngaphambi kokuvula iNdebe yoMhlaba neScotland ngoSepthemba 10.
Umqeqeshi uJacques Nienaber ujabulile ngakubone eqenjini lakhe koweWales nokubuya kukaKolisi. Ithimba labaqeqeshi selizothatha isinqumo sokuthi lo kaputeni uzonikwa isikhathi esingakanani enkundleni uma sebebhekene nama-All Blacks.
Isikhondlakhondla samaBhokobhoko, u-Ox Nche, naso esingayidlalanga iRugby Championship ngenxa yokulimala, sidlale imizuzu engu-46 kulo mdlalo neWales, kwathi uJaden Hendrikse, obedlalela iqembu lesizwe okokuqala kulo nyaka emva kokudlula emhlabeni kwelunga lomndeni wakhe, wadlala imizuzu engu-62.