ESINYE sezilomo zomshayisibhekela wakuleli, uLerato "Lights Out" Dlamini (30), sifisa ukuthi ngabe seyifikile impelasonto esizotholana phezulu ngayo no-Arnold "Arni" Khegai (31) wase-Ukraine, kweyokuhlungela ukulwela ibhande le-IBF Featherweight.
Inhlangano ephethe lesi sicoco ikugunyaze ngoMashi, ukuthi la mabhokisa axhimfane. Ithe ozonqoba uzothola ithuba lokulwa noLuis "El Venado" Lopez waseMexico oyingqwele.
Inhlanhano ye-IBF igcine imemezele ukuthi uDlamini ocijwa nguColin "Nomakanjani" Nathan, uzolwa noKhegai kuleli, ngoJulayi 13.
Lezi zinsizwa zithole le ngqayizivele yethuba ngenxa yokuthi uDlamini odabuka eFree State, ulele endaweni yesibili ezilinganisweni, uKhegai ukweyesithathu.
Ozonqoba lapha angase aphinde abe senhlanhleni yokuvele abe yingqwele yalesi sicoco.
Kunemibiko ethi uLopez uhlela ukusilaxaza phansi lesi sicoco ngenxa yokufuna ukusuka kwiFeatherweight.
UDlamini utshele Isolezwe ukuthi liphume nobomvu njengoba eselwazi usuku azolwa ngalo noKhegai.
"Bekungangikhululi kahle ukungazi ukuthi ngizolwa nini noKhegai. Njengoba sengazi ngathi kwehlike umthwalo. Okuhle ngami ukuthi ngihlale ngisejimini. Nezindaba zokuthi ngizolwa nale nsizwa yase-Ukraine zangena vele ngijima," kubeka uDlamini ophinde akleliswe kweyesi-14 kweze-WBC.
Uthe uzokwenza konke okusemandleni ukuthi uyanqoba. Uveze ukuthi akafuni ukukubeka ekhanda ukuthi uLopez angase asilaxaze isicoco se-IBF.
"Okusemqondweni wami ukuthi ngizolwa noKhegai kweyokuhlungela isicoco se-IBF. Anginandaba nokunye okungase kwenzeke. Ngiyathembisa ukuthi ngizomshaya. Le mpi ibaluleke kakhulu kumina, iminyaka seyingishiyile. Kuzoba impi enzima. NakuKhegai isimo esifanayo. Sengifisa ukube selufikile usuku lwempi. Ngifithi, ngingangena nakusasa eringini.“
I-IBF isohlwini lwamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Phezulu kuneWBC, WBA, IBF neWBO.
Kuleli uSiviwe "Special One" Nontshinga kuphela ophethe i-IBF Junior Flyweight.
Wayinqoba ngoFebhuwari, eshaya i-Andrian "Gatito" Curiel waseMexico kwimpindamshaye.
UDlamini wagcina ukuba eringini ngo-Okthoba wanyakenye, eshaya umakadebona, uTomoki Kameda, emshayela kwelakubo e-Otawa City General Gymnasium, eJapan.
Induku wayigcina ngo-2022, ehlulwa uJames Dickens wase-United Kingdom (UK), kubangwa ibhande le-IBO Featherweight elalingaphethwe muntu. UDlamini unesipiliyoni sokuphatha izicoco ezinjengeWBC Silver, iBF Africa nese-IBF Youth. Usanqobe eziwu-20, wahlulwa kwezimbili.
UKhegai uzinqobe zonhlanu kulandelana agcine ukuzilwa. Ezimbili ezedlule wazinqoba ngemingqimuzo yomlalisa phansi. NgoJanuwari, wagingqa uJon Martinez waseSpain.