UTHENJISWA ukuqhathwa empini yebhande lomhlaba elizomvulela amathuba, uBathabile Ziqubu uma enqoba namuhla kuNosiacaswe Dube waseFree State kweyokungcweka yeSuper Flyweight.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano weHle-Jobe Boxing Promotions. Izimpi zizobanjelwa ehholo lo mphakathi, edolobheni, eMtshezi.
Amasango avulwa u-2 ntambama kanti amathikithi ezingane abiza u-R50, awabadala u-R100. Awezicukuthwane aqala ku-R200. Atholakala ezitolo zakwaPick 'n Pay.
Impi yosuku iphakathi kukaNkosingiphile "Prince" Sibisi waseSithembile, eGlencoe ozobanga noTrevor Ngonyama waseLimpopo ibhande le-SA Flyweight.
Kulo mqhudelwano kuzophinde kube nezimpi ezimbili zomhlaba. Eyokuqala ekaMxolisi Zuma azobanga kuyo noRamadhani Milonzi waseTanzania ibhande le-WBF Intercontinental Junior Featherweight.
Enye iphakathi kukaLindelani Sibisi no-Ally Said kweyaso lesi sicoco, kwiFeatherweight. Sezizonke izimpi ziwu-13.
UHlengiwe Dladla ongumnikazi wenkampani ehlela lo mqhudelwano uthe ngale mpi balungiselela uBathabile impi ye-WBF World.
Nakuba engathandanga ukuveza igama kodwa uthe sebelitholile ibhokisa azolwa nalo, okungelaseFrance.
Kuzokhumbuleka ukuthi vele uBathabile obuye abe uthisha eHlonipha Primary School eWasbank, uyingqwele yeWBF International Flyweight. Lesi sicoco singaphansi ngokwezinga le WBF World.
"Inhloso ngempi yangoMgqibelo ukuthi uBathabile azilungiselele impi yebhande le-WBF World esizoyenza ngoJuni noma uJulayi. Okuhle ngeHle-Jobe Boxing Promotions izinto sizihlela kusenesikhathi njnegoba sesiqalile,“ kubeka uHlengiwe.
Mayelana namalungiselelo omqhudelwano wonke uthe sebeyifakile imali yokukhokhela amabhokisa kwi-akhawunti yeBoxing South Africa (BSA).
Uveze nokuthi seyingakubo nencwadi ephuma kule nhlangano ebanika igunya lokwenza lezi zimpi.
UBathabile ozilolonga ejimini eyaziwa ngokuthi iseMgodini, eDundee uthe ahambe kahle amalungiselelo empi yakhe eyimpindamshaye. NgoDisemba wango-2021, uBathabile wanqoba ngamaphuzu.
"Ayikho into ezomsiza uNosiacaswe, uyazi naye ukuthi uzophindela kubo ezinwayela kude. Nango-2021ngamshaya kalula. Ngeke ngivume ukuthi ame endleleni yami yokulwela iWBF World.
“Ngala mazwi angiqondile ukuthi ngizomeya. Kuzomele ngiqaphele, yisibhakela lesi, kwenzeka noma yini," kubeka uBathabile waseKuvukeni, eMnambithi.
UNosiacaswe ugcine eshaye uPamela Matunga kanti uma kubhekwa irekhodi lakhe, kubukeka uBathabile ezophinde anqobe.
Isitha sakhe sisanqobe ezimbili kuphela, sashaywa kweziyisithupha.