INTOKAZI eyibhokisa, uBathabile "Fill It" Ziqubu, isonga ngokuthela usawoti esilondeni somngani wayo, uThema Zuma, uma sebebhekene empini abazobanga kuyo ibhande lakuleli elingaphethwe muntu, leJunior Bantamweight.
Impi yalaba bangani, abaqala ukuzwana besayibamba esibhakeleni esingakhokheli, ingoJuni 5, eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Ingenye yezimpi ezingaphansi komqhudelwano ohlelwa yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga.
Empini yosuku, uPrince Dlomo waseGauteng uzovikela ibhande lakuleli le-Welterweight kuXolani Mgidi waseMpumalanga.
Kuyiwa emqhudelwaneni wangoJuni 5, uThema useshaywe kahlanu kulandelana.
Kwagcine ukuyilwa ngoSepthemba, ushaywe nguSimangele Radebe kubangwa ibhande likazwelonke leFlyweight.
Empeleni kule mpi uSimangele wayesemshaya okwesithathu kulandelana uThema.
UThema ubuye wathola umpetshisi kuMelissa Miller bebanga isicoco sakuleli sayo iBantamweight ngo-2019.
Uphinde wathola induku kuSharadene Fortuin bebenga ibhande ebelingaphethwe muntu le-IBO Inter-Continental Female Bantamweight ngo-2018.
UBathabile (31), ocijwa nguSkeleton Mngomezulu, eMpangeni, utshele Isolezwe ukuthi ujabulise okwengane ezwa izindaba zokuthi uzolwela ibhande likazwelonke okokuqala empilweni yakhe.
Uthe nakuba bezwana noThema, ngeke amvumele ukuthi ame empumelelweni yakhe.
"Ngibonga uNkulunkulu ngokuthola leli thuba. Bengihlale ngiphupha ngalo. Ngaleyo ndlela ngeke ngivume ukuthi uThema ame endleleni yami. Ngiyazi ukuthi ezimpini ezedlule kakumhambelanga kahle. Ngiyadabuka ukuveza ukuthi ngizophoqeleka ekwandiseni usizi lwakhe. Kuhle ngoba ungazi kahle. Sisalwa esibhakeleni esingakhokheli sike salwa naye. Ngamshaya, ngizimisele ngokumphinda.
"Indlela yami ebheke ekubeni yingqwele yomhlaba iqala kuye uThema. Akajime aqinise lapho ekhona ngoba kuzoba nzima uma sesibhekene eGreyville," kubeka uBathabile waseKuvukeni, eMnambithi.
NgoDisemba wanyakenye, le ntokazi igcine ishaye uNosiacwase Dube. Kweyandulela le mpi, ibishaye uLufuno Mutshayi.
Ayindala esibhakeleni esikhokhelayo uma kuqhathaniswa noThema. UBathabile unezimpi ezine kuphela. Unqobe ezintathu, wehlulwa kweyodwa.
Ngakolunye uhlangothi, uThema uneziwu-11.
Unqobe ezinhlanu, wahlulwa kweziyisithupha.
Uphinde abe nesipiliyoni sokulwela amabhande kazwelonke nawomhlaba. EGreyville kuzobe kungokwesithathu elwela ibhande likazwelonke. UMalinga ubonge kakhulu eMnyangweni wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, oholwa uHlengiwe Mavimbela, ngokuxhasa lo mqhudelwano.