UBALISA ngezingqinamba ezihambisana nokuhlela impi yebhande le-WBC, uNomvelo Magcaba-Shezi onguphromotha wesifazane osemncane.
NgoMashi 22, e-Olive Convention Centre, eThekwini, lo mnikazi weMvelo Boxing Promotions, uzoqhatha umzala wakhe, uThabiso "The Rock" Mchunu (35) noYamil Alberto Peralta (32) wase-Argentina, kweyebhande elingaphethwe muntu le-WBC Silver Cruiserweight.
UNomvelo uzoba ngowesibili kuleli ukuhlela impi yalesi sicoco.
NgoMeyi, nyakenye, kuqale uRodney Berman weGolden Gloves eqhatha uKevin "2 Guns" Lerena noRyad Merhy wase-Ivory Coast esisindweni seBridgeweight, e-Emperors Palace, eGoli.
Isicoco se-WBC sikwezihlonishwayo emhlabeni.
Phezu kwakho konke kumba eqolo ukuqhatha impi yaso.
Ayisaphathwa-ke eyebhande le-WBC World. E-Afrika akekho uphromotha owake wahlela impi yalo.
UNomvelo onqobe nyakenye indondo ye-Aspiring Promoter of the Year kumaBoxing South African Awards, utshele leli phephandaba ukuthi nakuba kunezinto abasazihlanganisa ngale mpi kodwa okuhle ukuthi sebezenzile ezibaluleke kakhulu.
Uveze ukuthi useyikhokhile enhlanganweni ye-WBC imali yokwenza le mpi.
Ngaphezu kwalokhu, useyifakile kwi-akhawunti yeBoxing South Africa (BSA) imali yokukhokhela amabhokisa.
Uveze nokuthi okumjabulisa kakhulu ukuthi le nhlangano seyimnikile nencwadi emgunyaza ukwenza lo mqhudelwano. Uthe nakuba ejabule kodwa ngakolunye uhlangothi uthwele kanzima.
Ukhale kakhulu ngabaxhasi abahudulaa izinyawo ekufakeni imali esibhakeleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Okthoba 2022, yilo phromotha owaqhatha impi yokugaxa amagilavu emgibeni kaMoruti " Babyface" Mthalane, obengelinye lamabhokisa ahlonishwa umhlaba ngenxa yokuba ingqwele yamabhande omhlaba.
"Njengoba ngingowesifazane osemncane kuba lukhuni ukuthi bangethembe abantu nezinkampani engicela kuzo uxhaso. Angazi noma kumele ngize ngibe mpunga ngibe nomkhaba. Okungixakayo ukuthi sengizivezile ukuthi nginamava kulo mkhakha.
“Ubufakazi balokhu ukuqhatha ngempumelelo impi kaMoruti yokugaxa amagilavu emgibeni. Nyakenye ngiphinde ngaklonyeliswa ngendondo ye-Aspiring Promoter of the Year. Ngiyazicelela kosomabhizinisi bakithi ukuthi baxhase lo mqhudelwano, ngeke bazisole. Uzobe usakazwa bukhoma nakwiSABC 2. Ngaleyo ndlela kuzokhangiseka imikhiqizo nemisebenzi yabo. Kuningi esisashoda ngakho. Kwi-WBC kudingeke ngikhiphe u-R400 000 wakhona ukuze ngikwazi ukuhlela impi. Siyaludinga uxhaso," kubeka uNomvelo.
Uthe esinye isifiso sakhe wukuqhatha uMchunu kweyebhande le-WBC World ngoMashi 22 kodwa nalokho kuzodingeka ukuthi athole uxhaso.
Uveze nokuthi okuzohluka ngomqhudelwano kaMashi 22 ukuthi izimpi ezikhokhelayo zizobhulelwa amazolo ngezinhlanu zama-amesha.
"Inhloso enkulu ngalokhu ukuqhakambisa indima elinywe isibhakela sama-amesha empumelelweni kaThabiso. Enye ukutshengisa amabhokisa asakhula ukuthi kuyafinyeleleka esicongweni uma ezimisela.“
UNomvelo uthe amasango avulwa ngo-4 ntambama. Amathikithi abiza u-R100. Izimpi zizoqala ukuboniswa ngo-7 ebusuku kwiSABC 2. UMchunu waKwaXimba, eMkhambathini, wagcina ukulwela kwaZulu-Natal ngo-2015.