UFISE ukuwabuyisela emuva amagama okuchoma, uTyson "The Gyspy King" Fury wase-United Kingdom, eshaywa u-Oleksandr Usyk wase-Ukraine, kwindumezulu yempi yosondonzima ebisezintatha ngeSonto, eKing Arena, eSaudi Arabia.
Kule mpi ebiqhathwa ngokuhlanganyela iQueensbury Promotions kaFrank Warren neTop Rank kaBob Arum, inxele eliwu-Usyk, belifake esitikini isicoco seWBA, WBO, nese-IBF World Heavywight, lanqoba ngamaphuzu.
UFury ubeze nese-WBC abese esivikele kathathu.
Lokhu kusho ukuthi u-Usyk usewaphethe wonke amabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Ungowokuqala eminyakeni engu-25 ukuphatha amabhande e-heavyweight kuzona zozine lezi zinhlangano. Lokhu kwakugcine ngo-Lennox Lewis, edlua u-Evander Holyfield ngo-1999.
Ngaphandle kokuphucwa ibhande le-WBC, kuphinde kwaphuka irekhodi likaFury lokungashaywa.
Ezimpini ezingu-36 ushaywe waphinde walwa ngokulingana kweyodwa.
Wabambana ngamaphuzu noDeontay Wilder, ngo-2018 kubangwa yona iWBC.
U-Usyk uqhubekile nokugcina irekhodi lokuzinqoba zonke izimpi eziwu-22 asake wazilwa selokhu aqala isibhakela esikhokhelayo ngoNovemba wango-2013.
Ngaphambi kwempi yangeSonto, u-Usyk wayeshaye uDaniel Dubois waseLondon. Wayeqeda kushaya u-Anthony Joshua.
Ngaphambi kwale mpi, uFury ubekusho angakufihli ukuthi uzomfundisa abantu u-Usyk. Uze wambiza nangomfana omncane.
Nokho ngeSonto kuqinisekiseke amazwi athi ukukhuluma akufani nokwenza.
U-Usyk utshengise emizuliswaneni yokuqala ukuthi akazile ukuzodlala. Ubekhipha odalimede bezibhakela abebelandelana. UFury ulwe kahle emizuliswaneni ephakathi. Uyenze yamnandi impi ngesikhathi ebuye ashaye izitayela.
Kwenzeke njengoba bekulindelekile u-Usyk ebuya ngamandla emizuliswaneni yokugcina.
UFury usindele ukukhala kwensimbi ngomzuliswano wesishiyagalolunye. U-Usyk ubesho ukuqeda ngaye. Empeleni ubese ewile. Usindele ukuvinjwa izintambo nakho ukukhala kwensimbi.
Ngemuva kwempi uFury uthe urojiwe. Uthe ufuna impindamshaye ngo-Okthoba.
"Ngikholelwa ekutheni ngiyinqobile le mpi. U-Usyk unqobe imizuliswano embalwa mina nganqoba eminingi. Akukho esengingakwenza. Lo mphumela uyilolo hlobo olukushiya umangele," ucashunwe esho kanje uFury esithangamini sabezindaba esifakwe ku-Youtube.
Uqhube wathi amajaji anqobise u-Usyk ngoba emzwela.
"Ezweni lika-Usyk kunezimpi. Ngakho-ke abantu bathathe uhlangothi lezwe okunezimpi kulo. Bangalenzi abantu iphutha, ngiyinqobile le mpi. Ngiyabuya, kwinkontileka engiyisayinile kunesigatshana sokuthi iphindwe.“
UWarren usiqinisekisile lesi sigatshana. "Impindamshaye iyona efunwa uFury, uzoyithola.“
U-Usyk ubonge bonke abamesekile kuhlanganisa nezwe lakhe.
Utshele abeSky Sports ukuthi leli bhande ulinqobele uyise ongasekho emhlabeni.
Ebuzwa ngempindamshaye, uthe uyilindele ngabomvu.
"Ngizizwa ngibusisekile, abantu abaningi bebengithandazela. Ngiyanithanda, ngijabule. Kusho lukhulu lokhu kunqoba kumina nakumasosha enza konke ukuvikela izwe lethu. Ngicabanga ukuthi lapho ubaba ekhona uyangivikela futhi ujabule. Baba ngiyakuthanda," kubeka u-Usyk.
Igama lika-Usyk alilisha kwabakuleli. Ngo-2016, esalwa kwiCruiserweight, washaya uThabiso "The Rock" Mchunu kweye-WBO World.