UNTUTHUKO Mchunu, umdlali waphambili weCell C Sharks, uthemba ukuthi bazoqhubeka lapho begcine khona uma sebebhekene neVodacom Bulls ngempelasonto kowe-United Rugby Championship (URC).
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama ngeSonto, eLoftus Versfeld, eTshwane.
ISharks selokhu yagcina ukudlala ngo-Okthoba 15, ngesikhathi inenebula iGlasgow Warriors ngo 40-12. Bekufanele itholane phezulu ne-Ulster ngempelasonto edlule kepha umdlalo wahlehliswa ngemva kokuthi iqembu lase-Ireland, likhale ngokugulelwa yinqwaba yabadlali.
UMchunu uthe yize bephoxekile ngokuhlehliswa komdlalo kodwa sebekudlulisile lokho futhi bakubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni.
“Sashaqeka ngesikhathi sithola izindaba zokuhlehliswa komdlalo (ne-Ulster) ngoLwesihlanu (olwedlule). Sasiwulungiselele kahle umdlalo futhi silangazelela ukubona iqembu elaliqokiwe ligijima enkundleni," kuchaza uMchunu.
“Kwasidumaza ukuthi ugcine uhlehlisiwe kodwa manje sesinelinye ithuba lokudlala omunye umdlalo obalulekile.”
Iqembu elimenyezelwe yiSharks ngesonto eledlule, belingatatazelisa noma yiliphi iqembu emhlabeni ngoba belibophele inqwaba yamaBhokobhoko njengoSiya Kolisi, Makazole Mapimpi, Bongi Mbonambi, Eben Etzebeth nabanye.
Kepha, laba badlali ngeke besakwazi ukudlala ngempelasonto ngoba sebebuyele eqenjini lamaBhokobhoko, ngaphambi kohambo lwawo lwaphesheya ngenyanga ezayo.
Nokho uMchunu ukholwa wukuthi abadlali abakhona bakhombisile ukuthi bangakwazi ukunqoba imidlalo enzima ngaphandle kwabadlali abanamava njengoba benzile ekuqaleni komqhudelwano.
“Iqembu lenze kahle amaBhokobhoko engekho futhi sinesikwati esiqinile. Sakhe ubuhlobo obuqinile ngesikhathi sindawonye phesheya,” kuqhuba uMchunu.
“Sikwazile ukunqoba imidlalo emibili phesheya nakuba singayishayanga iLeinster kodwa sikhombise ukukhula kulowo mdlalo. Kuningi esikufundile futhi ngikubheke ngabomvu ukuqhubeka kulo mqhudelwano naleli qoqo labadlali.
“Uma amaBhokobhoko ebuya engeza okuningi futhi asifundisa lukhulu. Ngikholwa wukuthi nabadlali esinabo manje eqenjini bazokwenza lokho.”
ISharks isendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni emine, iBulls isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-19 emidlalweni eyisithupha.
Iqembu laseTshwane, livuke lazithatha ngempelasonto edlulengemva kokwehlulwa yiMunster, ladla iBenetton ngo 44-22, e-Italy.
UMchunu uyazi ukuthi imidlalo phakathi kwalezi zimbangi ihlale inzima, ikakhulu eLoftus.
“Siwulungiselele kahle umdlalo ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Kuhlale kunzima uma amaqembu womabili ebhekene ngoba amaqembu amakhulu akuleli,” usho kanje
"Sifuna ukulawula lokho esingakwazi ukukulawula, okungukuzilungiselela kahle nokwenza okufanele sikwenze enkundleni. Siyazi ukuthi banabadlali abayingozi futhi nathi sinabo.“
Komunye umdlalo we-URC ohlanganise amaqembu aseNingizimu Afrika, kusasa ngo-4 ntambama iLions izobhekana nompetha iStormers, e-Ellis Park Stadium.
I-Stormers isendaweni yesine ngamaphuzu angu-19 emidlalweni emihlanu kuthi iLions ibesendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-15 emidlalweni elinganayo.