UMQONDISI wezombhoxo ophinde abe ngumqeqeshi kwiSharks, uNeil Powell, uhlabeke umxhwele ngendlela abalwe ngayo behlula i-Edinburgh ngo-22-19 kowe-United Rugby Championship (URC) ngoMgqibelo.
I-Sharks ihambe phambili ngo-14-0 kulo mdlalo obuseDAM Health Stadium, e-Edinburgh, eScotland.
Nokho iqembu lasekhaya liphendule ngamandla lashaya ama-try amathathu, kwayiwa ekhefini seliphambili ngo-19-14.
I-try yokubika esiwombeni sesibili ishaywe yiSharks, ephinde yathola nephenathi ebekwe phakathi nguCurwin Bosch. EzikaPowell zibe sezivala ngci emuva emizuzwini yokugcina zaze zawunqoba umdlalo.
“Njengethimba labaqeqeshi nabaphathi, siyaziqhenya kakhulu ngabafana ngokuzikhandla nokulwa abakukhombise kulo mdlalo,” kusho uPowell.
“Ngiyazi ukuthi bekunzima emizuzwini yokugcina kodwa ngicabanga ukuthi balwe umdlalo uqala waze wayophela. Sibacelile ukuthi basebenzise amandla ukuze bawuphathe umdlalo futhi bakwenzile lokho."
UPowell uthe kumjabulisile ukubona abadlali bakhe bebambelele ezinhlelweni zabo ngisho noma iqembu lasekhaya selibafake kwenkulu ingcindezi.
“Siwuqale kahle kakhulu umdlalo. Sivale kahle emuva, besihlelekile futhi ibhola besilidlalela ezindaweni ezifanele zenkundla. Bebethembele ekusebenziseni amaphutha ethu, befuna ukwenza umdlalo ungahleleki,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Emuva kokudlala kahle phesheya, iSharks isibheke ukwenza okufanayo ekhaya lapho izobhekana khona neStormers eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ngo-2 ntambama.
UPowell unethemba lokuthi ngeke bawulahle umfutho abawukhombise bedlala ne-Edinburgh.
“Sizoyithokozela le wini kodwa kufanele siqale amalungiselelo ethu omdlalo weStormers,” usho kanje.
“Wonke umuntu uzimisele futhi siyazi lapho sifuna ukuya khona kule sizini. Ngicabanga ukuthi ukuzinikela okubonakale enkundleni, ikakhulukazi emuva, kukukhombisile lokho.
“Yileli zinga okumele iSharks ibe kulo kuyo yonke imidlalo."
ILeinster yase-Ireland iqhwakele kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-61 emidlalweni engu-13, ilandelwe yiStormers ngamaphuzu angu-45 emidlalweni engu-12.
ISharks isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-11.
Amaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu ekupheleni kwesigaba samaqoqo azodlulela kuma-quarterfinal.