UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, uncome iqembu lakhe ngokulandela abebekuhlelile ngesikhathi liguqisa iGlasgow Warriors ngo 40-12 emdlalweni we-United Rugby Championship eKings Park Stadium ngoMgqibelo ntambama.
ISharks ibihamba phambili ngamaphuzu ayisithupha ngesikhathi kuyiwa ekhefini, yabuya ngamandla ngesiwombe sesibili lapho yengeze khona amanye ama-try amane, yazitholela nephuzu eliyibhonasi.
U-Anthony Volmink ubeke ama-try amabili, kwathi uBongi Mbonambi, Aphelele Fassi noWerner Kok bashaya i-try eyodwa ngamunye.
UMbonambi, Siya Kolisi noMakazole Mapimpi bakubadlali abaphuma kumaBhokobhoko, abafike esiwombe sesibili bawenza waba nzima kakhulu umsebenzi obumele izivakashi zaseScotland.
"Sijabule kakhulu. Besazi ukuthi kuzoba nzima ngesiwombe sokuqala, kodwa futhi besazi ukuthi sinabadlali abanamandla abasebhentshini. Abafana abadlale emizuzwini engu-40 yokuqala nabo basebenze ngokuzikhandla, umdlalo wavuleka kahle," kusho u-Everitt.
“Siwasebenzise kahle amabhola esiwantshontshe kubona saphinde sakha inqwaba yamathuba. Besivale kahle emuva futhi sijabule ngomphumela.
"Kunezinto ezimbalwa esikhulume ngazo ngesikhathi sekhefu kanti enye yazo bekungukwenza isiqiniseko sokuthi sichitha isikhathi esiningi engxenyeni yabo yenkundla. Silitholile ibhola salibeka ezindaweni ezifanele, nokwenze sakwazi ukushaya ama-try."
U-Everitt uncome nabadlali, u-Eben Etzebeth noVincent Tshituka, abawuqalile umdlalo futhi bafaka isandla ngesikhathi iqembu lihlasela nangesikhathi limaka.
"U-Eben ube nomthelela omkhulu futhi ubebaphazamisa uma bephonsa ibhola. Njengoba ngishilo phakathi nesonto, ungene khaxa eqenjini. Kuningi akuhlaziyile ngesonto elidlule futhi ukwenze kahle ngoba wenze umehluko omkhulu uma sihlasela nasekuwineni amabhola,” kuqhuba u-Everitt.
"Njengoba ngishilo, ungomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni, uma engeyona i-lock ewashaya wonke emakhanda emhlabeni. Ubekufanele ukuqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
"Sijabule kakhulu futhi ngoVincent. Ubengaphilile namuhla, uvuke ekuseni ephethwe yisisu kodwa ukwazile ukudlala nokuphusha. Yize kunjalo udlale kahle emdlalweni wakhe wokuqala. Siyaziqhenya ngaye futhi naye angaziqhenya ngakwenzile."
ISharks yilona kuphela iqembu laseNingizimu Afrika elikwazile ukunqoba kule mpelasonto njengoba iBulls idliwe yiMunster ngo 31-17, kwathi iLions yahlulwa yi-Ulster ngo 39-37. IStormers idlale ngokulimgana ngo 16-16 ne-Ospreys.
ILeinster iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-23 emidlalweni emihlanu, ilandelwa ngelinye iqembu lase-Ireland, i-Ulster, elinamaphuzu angu-21.
Amaqembu akuleli ahlezi ezindaweni ezine ezilandelanayo kwi-log. IStormers ilele isithathu ngamaphuzu angu-17 emidlalweni emine, amaSharks asenamaphuzu angu-15 emidlalweni elinganayo.
I-Lions isiqoqe amaphuzu angu-15 emidlalweni yayo emihlanu, kulandele iBulls ngamaphuzu angu-14.