UMQEQESHI weMarumo Gallants, u-Abdeslam Ouaddou, ukholwa wukuthi ezakhe zisengakwazi ukuphinda esifanayo ngokuthela othulini i-Orlando Pirates kweyandulela owamanqamu eNedbank Cup.
IGallants eguqise iDurban City ngo 4-1 kumaphenathi emdlalweni wama-quarterfinal eNedbank ngeSonto, iqhathwe nePirates kweyandulela owamanqamu alo mqhudelwano.
Ziqhathwa kwiNedbank nje, akukapheli sikhathi esingakanani iGallants ibhuquzise iPirates ngo 2-0 emdlalweni weligi ngoMashi 1, eFree State Stadium. Lona bekungumdlalo wokuqala u-Ouaddou ehleli ebhentshini leGallants kulandela ukuthatha izintambo zokuqeqesha ngemuva kokukhonjwa indlela kukaDan Malesela.
IPirates edlulele kweyandulela owamanqamu ngokushaya iSupersport United ngo 5-4 kumaphenathi ngoMgqibelo, iyona engompetha abavikela isicoco seNedbank esinqobe ngesizini edlule iguqisa iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
“Uma sewufinyelele kowandulela owamanqamu usuke ungasekho umdlalo olula, noma yiliphi iqembu osuke usuqhathwe nalo kusuke kuyiqembu elinzima. Yibhola leli kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukulungiselela ukuyobhekana nabo (iPirates). Sizolwela ukuwunqoba lowo mdlalo ngoba uma sewufinyelele kweyandulela owamanqamu, inhloso kusuke sekuwukufinyelela kowamanqamu. Sizoya kubona sinokuzimisela okukhulu kokuthi siphinde sibanike umdlalo onzima. Njengoba sabehlula ekuqaleni, yini engasivimba siphinde sibahlule futhi okwesibili,” kusho u-Ouaddou.
Phezu kokuba ezakhe sezifinyelele kweyandulela owamanqamu eNedbank futhi zinethuba elifanayo namanye amaqembu lokufinyelela kowamanqamu, kodwa lo mqeqeshi odabuka eMorocco uyakuqonda ukubaluleka kokufingqa imikhono akhiphe amangwevu ekuhlengeni kuqala leli qembu ezembeni.
IGallants isendaweni ka-14 kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-20, emidlalweni eyishumi eyisalele inenselelo yokubhukula ukuze isuke esishozini sezembe.
Ibuyela ensimini ngowePremiership ezowudlala neSekhukhune United, kusasa ngo-7.30 ebusuku, eDr Molemela Stadium, eBlomfontein.
“Okubaluleke kakhulu wukuhlenga iqembu, ngakho sizolwa ngayo yonke indlela ukulihlenga ezembeni. Nginethemba kodwa lokuthi uma abadlali bami bengaqhubeka nalo moya wokulwela ukunqoba nokuzimisela abanawo njengoba bekhombisile ngeSonto, sizokwazi ukuhlenga iqembu,"kusho u-Ouaddou.