UMQEQESHI wamaBhokobhoko akafuni leli qembu lingazi ukuthi lizothatha ini lihlanganise nani uma sekusongwe iNdebe yoMhlaba ka-2027.
AmaBhokobhoko asenqobe iNdebe yoMhlaba ngo-2019 nango-2023, kanti asenalo ithuba lokudla lesi sicoco okwesithathu kulandelana emqhudelwaneni ozodlalelwa e-Australia, ngo-2027.
Aqale ikhempu yawo yokuqala ka-2025, eKapa, ngoMsombuluko, ehlanganise abadlali abangu-56 abazinze kuleli.
U-Erasmus nethimba lakhe basazobamba enye ikhempu nabadlali abangu-26 abazinze phesheya kwezilwandle kuyona le nyanga lapho bezoxhumana khona ngobuchwepheshe besimanjemanje.
Kulawa makhempu ngeke kugxilwe ekuzilolongeni enkundleni kodwa kuzobe kubhekwe kakhulu amaqhinga azosetshenziswa emidlalweni.
U-Erasmus uthe nakuba iningi labadlali abamenyiwe kulawa makhempu lingeke liqale manje ukusetshenziswa eqenjini lesizwe kodwa kusemqoka ukuthi laba badlali bafunde usikompilo lweqembu kuseyimanje.
"Iningi labo cishe lizothola ithuba lokudlala ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2027. Noma kunjalo, ukuba nalabo badlali manje kusiza abadlali bethu asebemnkantshubomvu ukuthi bangazitheli ngabandayo, kanti futhi bazofunda lukhulu kubona,” kusho u-Erasmus.
“Sekusele amasonto angu-13 ngaphambi kokuthi silungiselele imidlalo esizovula ngayo isizini yethu. Abadlali bazodlala imidlalo eyisithupha kuya kwengu-13 emaqenjini abo. Ngeke siphinde sibize abadlali abangaphezu kuka-80 uma sesilungiselela leyo midlalo kodwa sizosehlisa isibalo siye ku-55, siphinde sinciphe kube ngabadlali abangu-40.
“Inhloso yethu njengamanje wukukhombisa abadlali ukuthi yiziphi izinhlelo zethu ukuze bazilungiselele, bese siyabona ukuthi sibathuthukisa kanjani.”
AmaBhokobhoko azoqala isizini yawo ka-2025, ngokubhekana neBarbarians ngoJuni. Azobe esedlala imidlalo emibili ne-Italy, owodwa neGeorgia ngoJulayi, ngaphambi kokuqala iRugby Championship ngo-Agasti.