KWANDISWE imihlomulo emjahweni wokuhlonipha iqhawe, uJoseph Shabalala ongumsunguli weqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo, eliqophe umlando linqoba indondo yeGrammy amahlandla amahlanu.
Kulo nyaka iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon izogijinywa ngoFebhuwari 4, eMnambithi lapho okwazalelwa khona le ngqalabutho yeciko elidlule emhlabeni lineminyaka ewu-78, ngoFebhuwari 2020.
Kuzobe kungunyaka wesibili lo mjaho wasungulwa. Ungomunye kulesi sifundazwe ohanjelwa yinqwaba yabantu ngenxa yokuthi uxuba nedili lomculo.
Kuzogijinywa u-42km, 21km, 10km, nabayibamba ku-5km.
UVuyo Shabalala, enye yamadodana kaShabalala nobuye abe ngomunye wabahleli balo mjaho, uthe kulo nyaka balindele abagijimi abangu-2000 sekuhlanganiswe wonke amabanga.
UVuyo obezwakala ejabule, ubalule ukuba impumelelo komjaho odlule njengokuhehe abaxhasi abafana nenkampani yamathayi, iDunlop, uMnyango wezeMidlalo, aQuelle noMasipala i-Alfred Duma.
"Kuyintokozo ukuthi kulo nyaka sesisonke isamba esibekelwe iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon singu-R400, 800. Nyakenye lesi samba besingaphansi kunalokhu. Sibonga kakhulu kubaxhasi bethu. Lokhu abakwenzile kuzolikhulisa kakhulu izinga lalo mjaho. Nobaba wethu lapho ekhona uzojabula. Enye inhloso ngalo mjaho ukwenyusa izinga lendawo yethu eMnambithi nezokuvakasha. Siyazibonga lezi zinkampani nohulumeni wethu ngokukholelwa emnothweni wasemakhaya. Nakulo nyaka silindele ukuthi kuphuke amarekhodi, umzila wethu muhle kakhulu," kubeka uShabalala.
Ozoshaya intambo emjahweni omkhulu uzogoduka no-R35 000. Kwelika-21km kuzoba u-R15 000 no-R10 000 kwelika-10km. Ku-5km kuzoba u-R4000. UShabalala uveze ukuthi kulo nyaka bafake neqoqo lika-30 kuya ku-35 weminyaka.
"Izindaba ezinhle ukuthi kuleli qoqo abazonqoba ku-42km, 21km naku-10km bazohlonyuliswa ngo-R8000 umuntu ngamunye. Nabagijimi abazozijabulela (5km) ngeke sibashiye ngaphandle. Kubo bobubili ubulili abazoshaya intambo bazogoduka no-R4000," kuqhuba uShabalala. Mayelana nemingenelo, abazogijima kwelika-42km kumele bakhokhe u-R300. Kwelika-21km kuzoba u-R250 bese kuba u-R200 kwelika-10km nakwelika-5km.
UShabalala uveze ukuthi kulo mjaho bameme noNkululeko Dlamini odume ngelikaKing of Squats no-Andile Mxakaza.