UKHETHE ukuyokhempa ezintabeni zaseMooi River, uSanele "Tornado" Msimango, ofuna ukuhlwitha isicoco seSA Junior Welterweight esiphethwe uNtethelelo Nkosi.
La mabhokisa azohlubana ngequpha emqhudelwaneni ozoba ngoJuly 6 e-Emperors Palace eGoli.
Uhlelwe uqweqwe, uRodney Berman weGolden Gloves Promotions, eyaziwa ngokuhlela izimpi zeqophelo eliphezulu.
Kuzobe kungokokuqala uNkosi evikela leli bhande selokhu aliphuca uPrince Dlomo waseSmero, eMgungundlovu, empini eyayiseSuncoast Casino, eThekwini, ngasekupheleni konyaka odlule.
UNkosi waqeda ngobungqwele bukaDlomo ngokumngqimuza ngomzuliswano wesishiyagalolunye.
Impi yase-Emperors Palace izobe ingeyomkhaya kula mabhokisa adabuka KwaZulu-Natal (KZN).
UMsimango udabuka eNtshanga, eThekwini bese kuthi uNkosi abe nezimpande eMtubatuba enyakatho nesifundazwe.
Imeneja kaMsimango, uSandile Vilakazi, ephinde iqhathe izimpi zalo mshayisibhakela, iudalule ukuthi banqume ukuyokhempa ezintabeni eMooi River. Uthe benze lokhu ngoba befuna ukwenza isiqiniseko sokunqoba.
"USanele umatasa ulungiselela le mpi. Nginethemba lokuthi uzosilanda lesi sicoco. Sinqume ukwenza amalungiselelo ale mpi eMooi River ngoba isimo sezulu sicishe sifane nesaseGauteng. Amalungiselelo ahamba kahle njengoba nomqeqeshi wakhe uBhubesi (uSizwe Mthembu) empheke ngebhodwe elincane ejimini. Sifuna ukulithatha leli bhande ngoba sikholwa ukuthi ngelethu," kusho uVilakazi.
UMsimango wagcina ukubonakala eringini ngoJuni nyakenye, ePortuguese Hall eThekwini, enqoba ibhande le-WBF ehlula ngamaphuzu uLuvuyo Mphuthi wase-Eastern Cape. Kuzobe kungokwesibili uMsimango ezama ukuphatha isicoco sikazwelonke.
Ngo-Okthoba, ngo-2021 waxetshulwa ngenduku, uTshifiwa Munyai ngomzuliswano wesishiyagalolunye empini yesisindo se-lightweight.
UNkosi uqeqeshwa uDamian Durandt oyindodana kaNick Durandt ongasekho, owayehlonishwa ngokukhiqiza inqwaba yompetha bezicoco.