UMQONDISI wezombhoxo kwiCell C Sharks aphinde abe yibamba lo mqeqeshi, uNeil Powell, unethemba lokuthi ezakhe zizoqhubeka nomgqigqo wokunqoba emidlalweni emibili yokugcina yonyaka ezizoyidlalela ekhaya.
UPowell ungene ngokuphelele kuleli qembu ngemuva kokushiya elesizwe leSevens ngoSepthemba. NgoNovemba uthole isikhundla sesibili ngesikhathi enikwa izintambo zokuqeqesha, ethatha indawo kaSean Everitt.
U-Everitt ukhonjwe indlela kulandela ukubhudluzwa kweSharks yiCardiff ngo-35-0 ekhaya emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) ngoNovemba 27.
Selokhu uPowell eqale ukuzibambela iqembu seliguqise i-Ospreys yaseWales ngo-25-10 kwi-URC, lanqoba imidlalo emibili kwiHeineken Champions Cup.
Lidle iHarlequins yase-England ngo-39-31 ekhaya emdlalweni walo wokuqala wamaqoqo, ngaphambi kokushaya iqembu laseFrance iBordeaux Begles ngo-19-16 eBordeaux, ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mphumela wakamuva ekuhambeni yiwona onike uPowell ithemba lokuthi ezakhe sezibuyele emgqeni.
“Kube wumphumela omuhle, ikakhulukazi sidlala eBordeaux. Besidonswe ngendlebe mayelana nobunzima bokunqoba iqembu laseFrance enkundleni yalo,” kusho uPowell.
“Siphinde sabona ukuthi mungakanani umehluko owenziwa abalandeli beqembu lasekhaya. Bonke abadlali, ngisho nabagijima kumaBhokobhoko, bavumile ukuthi bekunzima impela.
"Kuhle ukudlula emdlalweni onjalo nomphumela omuhle yize sibhekene nezinselelo eziningi. Ukuwunqoba kusibeka ethubeni elihle lokungena esigabeni somkhumulajezi.
”Ngiyethemba ukuthi kule midlalo emibili esisalele kwiHeineken Champions Cup, sizokwazi ukuthola amaphuzu azosibeka kwiLast 16.”
I-Heineken Champions Cup izothatha ikhefu kuze kushaye uJanuwari kodwa iSharks isazodlala emibili ye-URC ngaphambi kokuthi isonge unyaka.
Izobhekana ne-Emirates Lions eHollywoodbets Kings Park ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama, bese ivala neVodacom Bulls eThekwini ngoDecember 31.
“Ukunqoba iBordeaux bekubalulekile futhi kwenyuse ithemba. Le miphumela emihle izokwenza sibuyele kwi-URC nomgqigqo omuhle,” kusho uPowell.
"Kuzomele sidlule kulo mdlalo bese sigxila kolandelayo neLions. Sizoqinisekisa ukuthi siwulungiselela kahle futhi sikhuphule izinga lethu."
I-Sharks isendaweni ka-10 kwi-URC ngamaphuzu angu-19, emidlalweni eyisikhombisa futhi iyayidinga imiphumela emihle kule midlalo emibili yasekhaya ukuze ivale unyaka isendaweni engcono.
Kwi-Heineken Champions Cup leli qembu laseThekwini, lisendaweni yesine ku-Pool A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emibili.