SENGATHI kuzoze kubholeke imbobo, ngilokhu ngikhuzile. Ezinsukwini ezedlule kule ngosi ngike ngabalisa ngohlobo lwabalandeli le lizwe lakithi elinabo, kungaba ikunobhutshuzwayo, kwipolitiki nasemsakazweni imbala.
Sekungumlando njengoba ngakhala ngabalandeli bomsakazo Ukhozi FM ikakhulukazi ekuvoteleni ingoma ehlukanisa unyaka. Kwenzeka njengoba ngangishilo kwaphumelela ingoma engaziwa ,zikhona ezimbili ezazidlalwa kakhulu kweminye imisakazo. UKhozi ukuba luwumuntu ngabe lunamahloni ngisho okuphumela emnyango lubhekane nabantu. Nemithuqasi yamakhansela angahlali emawodini akukho gesi, amanzi,imigwaqo nobugebengu buthe bhe, kodwa abalandeli bazophinda futhi bawubuyisele lo mthuqasi wekhansela, emva kwalokho sebegcwala imigwaqo bekhala ngezidingo ezingalethwa.
Kunobhutshuzwayo kunesihlava esimbi njengoba kudlalwa e-Ivory Coast imidlalo ye AFCON.Kunamagamanxandukwana ashumayela imfundisoze ukuthi iMamelodi Sundowns iyona edle iNamibia ngo 4-0. Alikho iqembu elidlala kwi-AFCON kodwa umqhudelwano wamazwe. Alikho ke izwe e-Afrika elibizwa ngeMamelodi Sundowns kulawa angu 54 abumbe izwekazi i-Afrika. Leli qembu alinaye umqeqeshi okuthiwa uHugo Broos, adliwelani amandla kaRhulani noManqoba.
Abadlali ababizelwa eqenjini lesizwe babizwa ngokwezinga abasuke bekulona ngaleso sikhathi futhi kube abangumsinsi wokuzimilela kule lozwe, yilokho okumqoka.
Kule lizwe lakithi sesaba ozwelombango. Emazweni aphesheya lapho abantu bakhona bezigqaja ngobuzwe babo awuyizwa lentimbothi ngoba abalandeli bakhona bafundisekile. I-Spain isikhathi esiningi abadlali bakhona abaningi baqokwa kwiBarcelona neReal Madrid ngokwezinga langaleso sikhathi. Angikaze ngizwe abantu baseSpain bethi iBarcelona isiwinisile kube kudlala iqembu lesizwe. Ngilinganise ngeSpain ngamabomu ngoba sike saduma kakhulu sidunyiswa oMessi wase-Argentina noRonaldo wasePortugal. Namanye amazwe ayaba namaqembu amabili amathathu aba nabadlali abaningi abaqokelwa emaqenjini esizwe, kodwa lawo maqembu esizwe awabizwa ngamaqembu nje adlala emaligini akhona.
Ukwenza kahle kweMamelodi Sundowns ekhaya nase-Afrika jikelele kufanele ngabe sikushayela izandla, kube isikhuthazi kulawa amanye amaqembu.
Sidinga iligi eqinile akuzwakali kahle uma iminyaka ize ibe yisithupha iqembu elilodwa lizitamuzela nje. Njengoba iPSL iyiligi enkulu e-Afrika, ibalwa nayishumi emhlabeni kufanele akhuthazeke nalawa amanye amaqembu. Uma iKaizer Chiefs , Orlando Pirates naMazulu bengase alandele ezinyathelweni zeMamelodi Sundowns alikho izwe elingasithinta emiqhudelwaneni yokuhlungela i-AFCON neNdebe yoMhlaba.La maqembu ngiwabalula ngokomlando anawo, yiwona anabalandeli abaningi.
Okwamanje iOrlando Pirates iyona enabadlali abangamelana neMamelodi Sundowns ngohlonze lwabadlali enabo. OkweKaizer Chiefs okwezandla, ngiyafisa ukwazi ukuthi ubani lona ohlwaya abadlali, abanye abangakwazi nokuphasa ibhola.
Eminyakeni edlule sasinePimville United Brothers eyayilikhulumisa ibhola ngaphezulu kweMamelodi Sundowns, kuneMoroka Swallows Big XV, kune Witbank Black Aces. Ukuba sabuyela kwiFIFA ngaleso sikhathi , le lizwe lakithi lalizophungwa ngezithebe kwiWorld Cup, e-Afrika ke khona amanye amazwe ayezolwela indawo yesibili ngokwethalente elalikhona.Niyokhumbula phela ukuthi le lizwe laxoshwa kwi FIFA ngenxa yemithetho yobandlululo, lize labuyiswa ngo 1991.
Kwayona le Kaizer Chiefs esiyihlaya manje yayiqoqa zonke izinkomishi kubhoke oMagwegwe Mokoena, Banks Sethlodi, Petrus Nzimande kungashona ilanga ngibabala.
Lokhu kukloloda uma kwenziwa abalandeli beMamelodi Sundowns abakuyeke nabanye ke ongoma uyayona ngoba lizogcina iqembu linyamanambana, kanti ilona qembu okumnandi ukulibuka uma lidlala ngisho ungeyena umlandeli walo.
Sebashonaphi abalandeli ababehlwaya abadlali emalokishini nasemakhaya, baqonde nabo ngqo ekilabhini, amaqembu ayengabathengi abadlali. Ngalezo zikhathi umlandeli wayengalandeli iqembu lakhe kuphela, kodwa wayelandela nabanye abadlali bamanye amaqembu. Ngakho-ke kwakunabadlali ababenabalandeli babo nje nakwamanye amaqembu.
Ngakho ke iqembu lesizwe lalingeke libizwe ngeqembu nje elidlala kwiligi.
Mhlawumbe imithetho yobandlululo yabajova abanye njengoba sebezobandlulula abanye abadlali okungebona abeMamelodi Sundowns, kufika kanjani emphefumulweni walaba badlali njengoba bengazibizelanga bona eqenjini lesizwe. Kuhle uma siqhudelana singamaqembu kwiligi yethu, kodwa uma sekuneqembu lesizwe sonke siyazikhumula izigqoko zethu,sifake esisodwa sezwe.
Noma kungenzekani iqembu lethu lidlale kahle ngoba ngisho nalapho sahlulwa khona iMali sasingcono ngokomdlalo.Osekusele ukuthi sibe nomhlahlandlela wokudlalwa kwebhola eNingizimu Afrika, kumele kunqandwe ukufika kwawo wonke lo gulivosi wasemazweni angaphandle ongasisizi ngalutho.
Le lizwe linethalente elimangazayo kodwa kulandwa abadlali abaphambana nebhola, okusho ukuthi lenkomo ivimbe nesikhala somdlali wasekhaya obezosiza iBafana Bafana ngokuzayo.
Abalandeli bebhola abangaziphathi sengathi abayona ingxenye yomphakathi wezwe lakithi.
Abalandeli be-rugby ne-cricket uma sekuyiqembu lesizwe baba imbumba, abalokhu becokofiya ukuthi lona oshaye ama-try amaningi owaliphi iqembu, kodwa bathi Bokke!