OWAYENGUMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics, uSello Mokoena, usephumele obala ngokwesekwa kwakhe ngamakilabhu abagijimi akulesi sifundazwe ukuze angene esigungwini sale nhlangano njengoba kubhekwe okhethweni lobuholi obusha.
UMokoena ubenesithangami nabezindaba ngoLwesihlanu, eMorningside, eThekwini, lapho echaze khona ngokwesekwa kwakhe ekubuyeleni ebuholini beKZN Athletics.
Ngo-2019, uMoloi wehla esikhundleni sokuba ngumengameli we-KZNA ngemuva komdonsiswano owagcina uholele ekutheni kungenwe ezinkantolo.
USteve Mkasi nguyena ongumengameli we-KZN Athletics.
“Mina nethimba lami (angalidalulanga) siphakanyiswe ngamakilabhu alapha KwaZulu-Natal ngobuningi bawo, asicele ukuthi sibe yingxenye yebhodi le-KZN Athletics njengoba kuzoyiwa okhethweni lokukhetha ubuholi obusha, okwakufanele lube ngo-2024. Kumanje sisebenzisana nenhlangano eyaziwa ngeWildness Academy ethuthukisa izingane zesikole ngezokugijima nemfundo,” kusho uMokoena.
Ebuzwa ngesikhundla azosingenela kulo khetho oluzayo, uthe amakilabhu yiwona asazothatha isinqumo.
“Okwamanje amakilabhu asazothatha isinqumo ukuthi kuleli thimba lethu abalikhethayo ngobani abafunwa ezikhundleni ezithile kwi-bhodi elizokhethwa. Amakilabhu ayazazi izinkabi zawo ngokudonsa kwazo. Sesikubeke ezandleni zawo amakilabhu anqume. Kodwa thina sesivumile ukuba yingxenye yebhodi nokungenela ukhetho,” kuqhuba uMokoena ogcizelele ukuthi ubeka phambili abagijimi ngaso sonke isikhathi.
Umdonsiswano owawusunesikhathi uqhubeka ebuholini be-KZN Athletics, waholela ekutheni ngo-2018 i-Athletics South Africa (ASA) ifake i-KZN Athletics ngaphansi kweso lomlawuli.
Nakuba uMokoena aphuma phambili emuva kokuphonsela inselelo i-ASA ngesinqumo sayo, nenkantolo isinqume ukuthi amandla okuphatha abuyiselwe kuyena nesigungu sakhe, kodwa wagcina esulile esikhundleni ngoJulayi ka-2019, ekhala ngetulo lokumsoconga.
Nakuba lungakabekwa usuku okuzobanjwa ngalo ukhetho lwe-KZN Athletics kodwa kulindeleke lube ngo-Ephreli ngaphambi kolwe-ASA oluzoba ngoMey 21.
Lesi sifundazwe sisenemijaho emqoka esisazoyisingatha nonyaka, okubalwa kuyona iPrince Mangosuthu Ultra Marathon engo-Ephreli 27, ezosuka eNquthu ibheke eDundee neComrades Marathon yodumo ezosuka eMgungundlovu iphele eThekwini, ngoJuni 8.