SEKUPHENDUKE udaba olusematheni ukulimala kukakaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, njengoba sekunezinsolo zokuthi kuzophazamisa amathuba akhe okubamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba ezoba seFrance kusukela ngoSepthemba.
UKolisi (31) ulimale edolweni ngesiwombe sokuqala edlalela iqembu lakhe iCell C Sharks emdlaweni wokugcina wamaqoqo we-United Rugby Championship neqembu lase-Ireland, iMunster, ophele zibambene ngo 22-22.
Ngemuva kwalo mdlalo umqeqeshi weSharks, uNeil Powell, uthe bazolinda imibiko yodokotela mayelana nesimo sikaKolisi kanye nomunye owathinteka emdlalweni ofanayo, uCurwin Bosch, njengoba belungiselela ukubhekana neLeinster kuma-quarter-final ngempelasonto ezayo.
Ngokombiko we-IOL Sport, uKolisi ubone ongoti ababili ngemuva kokuhlolwa okuveze ukuthi uthinteke emsipheni omkhulu osedolweni ohlanganisa ithambo elisemlenzeni nelisethangeni, kanye nomunye umsipha owaziwa nge-meniscus.
Ngokusho kwalo mbiko omunye wabo uphakamise ukuthi uKolisi ahlinzwe. Bekulindeleke ukuthi athole umbono womunye ungoti izolo ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo.
Uma ehlinzwa kungathatha izinyanga ezingaphezulu kweziyisishiyagalombili ukuthi alulame, nokungawashabalalisa amathemba okuthi aphinde ahole amaBhokobhoko eNdebeni yoMhlaba.
Angabuyela enkundleni engahlinzwanga ngemuva kwezinyanga ezine uma kutholakala ukuthi umonakalo awumkhulu, nokungachaza ukuthi angaphuthelwa yimidlalo yeRugby Championship ezoqala ngoJulayi.
Uma kwenzeka egcina engeyona ingxenye yeNdebe yoMhlaba umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, kungadingeka aqoke omunye umdlali ozohola iqembu, kanye nalowo ozovala isikhala sikaKolisi enkundleni kwi-flank.
Phakathi kwabadlali abangahola iqembu kubhekwe u-Eben Etzebeth, Duane Vermeulen, Handre Pollard, Lukhanyo Am noSteven Kitshoff.
Kwabangagqoka ijezi eliwunombolo-6 kubhekwe uKwagga Smith, owayeyingxenye yeqembu lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019. Abanye abangqongqozayo njengoMarco van Staden ogijima kwiBulls, uDeon Fourie weStormers noPhepsi Buthelezi weSharks, asebeke baba yingxenye yeqembu elingaphansi kwamaBhokobhoko, iSouth Africa A.
AmaBhokobhoko azoqala imidlalo yeRugby Championship ne-Australia ePitoli ngoJulayi 8, abhekane neNew Zealand ekuhambeni ngoJulayi 15, avale ne-Argentina eGoli ngoJulayi 15.
Azophinde adlale imidlalo emithathu yokungcweka ne-Argentina, Wales neNew Zealand, ngaphambi kokuthi adlale owokuqala weNdebe yoMhlaba neScotland ngoSepthemba 10.
Amanye amaqembu aqhathwe nelakuleli kuGroup B yi-Ireland, Romania neTonga kuPool B.
Umdlali waseNew Zealand, uFolau Fakatava, walimala ngendlela ecishe ifane nekaKolisi ngo-Okthoba nyakenye, wabuyela enkundleni ngoFebhuwari engahlinzwanga.