UMQEQESHI weqembu lesizwe lesibhakela sama-amesha, uNathi Hlatshwayo, usewabeke kwiNelson Mandela Africa Boxing Cup amathemba ngamabhokisa azolibhekisa emqhudelwaneni wokuhlungela ama-Olympic Games aqala ngoJulayi 26, aphele ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
Emasontweni adlule uHlatshwayo, ubehambe namabhokisa ayisishiyagalombili ukuya kuma-All Africa Games, e-Accra, eGhana. Izintokazi bezimbili bekunguThandolwethu Mathiba olwa ku-50kg noPhiwokuhle "Ben 10" Mnguni (57kg) bakwaKwaZulu-Natal. Izinsizwa beziyisithupha.
Elakuleli libuye nendondo yesiliva enqotshwe uLusizi Lubabalo (51kg) neyethusi enqotshwe uJohn Masamba (63.3kg).
Lo mqhudelwano bewungeminye okuhloswe ngayo ukulungiselela amabhokisa akuleli ngowokugcina wokuhlungela ukuya eParis.
Umqhudelwano wokuhlunga uqala ngoMeyi 23, usongwe ngoJuni 3 eBangkok, eThailand.
Ngaphambi kokuya eThailand, uHlatshwayo namabhokisa akhe bazophinde bazicije ngeNelson Mandela Africa Boxing Cup, engo-Ephreli 15-21, e-Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Angaphezu kuka-36 amazwe azoqhudelana kulezi zimpi. Elakuleli lizobe linesikwati samabhokisa awu-28.
UHlatshwayo utshele Isolezwe ukuthi ayimthokozisanga indlela amabhokisa akhe alwe ngayo eGhana.
“EGhana amabhokisa ashaywe ngenxa yokwenza amaphutha. Abengagxili emgogodleni wezinto zalo mdlalo. Ngikholelwa ekutheni ukube abelandela imiyalelo ngabe sibuye nezindondo ezinhlanu. Aphinde aba nebhadi lokulimala," kubeka uHlatshwayo.
Uthe okuhle ukuthi lisekhona ithuba lokulungisa amaphutha kwiMandela Africa Boxing Cup.
"Kumele siqikelele kulezi zimpi. Ngezokugcina ngaphambi kokuya eThailand. Ngiyawathemba amabhokisa ami, azokwenza kahle. Ayakuqonda ukuthi kuma-Olympic alo nyaka elakuleli kumele libe neiqembu lamabhokisa.“
INingizimu Afrika yangena ehlazweni ngesikhathi ihluleka ukubophela isikwati sabashayisibhakela kuma-Olympic ayeseRio de Janeiro, eBrazil, ngo-2016, naseTokyo, eJapan, ngo-2021.
Ngo-2016 iSouth African National Boxing Orgnisation (Sanabo) yavinjwa yiSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) ukuthi ithumele amabhokisa eBrazil, ngenxa yokuhlunga ngomqhudelwano wase-Afrika, esikhundleni sowezinga lomhlaba.
Emidlalweni elandelayo, ubuholi beSanabo bashawa yisikhathi sokuhambisa amabhokisa emqhudelwaneni womhlaba wokuhlunga.
Emasontweni edlule uSiyabulela Mkhwalo ongumengameli weSanabo, utshele Isolezwe ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi abekhona amabhokisa esikwatini sakuleli esiya eParis.
Elakuleli lagcina ngo-2008, eBeijing eChina, ukumelwa esibhakeleni. Kwahamba uJackson " M3" Chauke, kuphela.
Ngo-2004, e-Athens eGreece, lalimelwe nguLudumo Gadala, Bongani Mahlangu, noKhotso Motau.
Ngo-2000, eSydney e-Australia, kwakukhona uPhumzile ‘Sweet Chocolate’ Matyhila, Jeffrey ‘Mongoose’ Mathebula, noDanie Venter. Bonke abalibonanga elidlalayo.