UKUGODOLA nemali kwamaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika kuphoqe usihlalo weBlack Leopards, uDavid Thidiela, ukuthi abheke ngaphandle kwemingcele uma efuna ukudayisa umgadli wakhe uMwape Musonda osemataniswe kaningi neKaizer Chiefs.
Ngokusho kukaThidiela uMusonda, obaqwaqwade bonke emakhanda ngokushaya amagoli kwi-Absa Premiership, uzobe engadlali eNingizimu Afrika ngesizini ezoqala ngenyanga ezayo. UThidiela uthe ukusho lokhu ngoba indlela athule ngayo amaqembu athathwa njengamakhulu ikhombisa ngokusobala ukuthi awafuni ukudedela imali.
“Angazi ngempela noma afuna ukumthatha bhusende umdlali wami enenkontileka. Athule nje. Akukho nelilodwa iqembu lakuleli eselike langibuza nje okungenani ukuthi ngingamdedela ngamalini. Kungenzeka ukuthi yinina abezindaba ababhebhethekisa izindaba ezingekho. Mhlawumbe la maqembu awakaze amfune uMusonda. Kungangethusa nokho lokho ngoba ubehlule bonke abagadli abakhona kwiligi ngamagoli ngesizini edlule,” kusho isikhulu.
UMusonda (28) oke wadlala kwi-Orlando Pirates neLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuya kwiLeopards, ushaye amagoli awu-16 eligi ngesizini edlule.
Nakuba ebebhekwe emaqenjini amakhulu uMusonda okuke kwavela nokuthi akezi ejimini (kodwa kwaphinde kwacaciswa lokho) usekhonjwa phesheya kwezilwandle uma kungukuthi umqashi wakhe akasengi ezimithiyo.
“Asijahile ngaye kodwa engingakusho wukuthi uyahamba. Indaba yakhe iphethwe ngezandla ezicophelelayo futhi ithinta abantu abaningi. Angisho lutho mina ngaphandle kokuthi omfunayo akafake imali. Angikholwa kodwa ukuthi bakhona kuleli abazokwenza. Sebethule kakhulu ngakho-ke kungcono sibheke engxenye.”
Nakuba engacacisi uThidiela kodwa ukhuluma sengathi uyazi ukuthi uMusonda uya kuphi. “Niyangazi ukuthi angifihli. Uyahamba futhi uya phesheya kwezilwandle. Engizonifihlela khona wukuthi uthengwe ngamalini yiqembu elizomthatha. Ukulungele naye ukuhamba ngakho-ke nginesiqiniseko sokuthi uzobe engadlaleli iLeopards ngonyaka ozayo kodwa futhi uzobe engekho eqenjini lePSL.”