UKUNQOBA umdlalo wokugcina wesigaba sokuqala samaqoqo sekubanjwe umoya kufanele kube yisixwayiso eqenjini lesizwe lekhilikithi labesilisa ngokusho kukaputeni u-Aiden Markram.
AmaProteas anqobe iNepal nge-run eyodwa emdlalweni wokugcina kaPool D ngoMgqibelo, aqeda esicongweni kuleli qoqo ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Ngaphambi kwalo mdlalo abeguqise iSri Lanka ngamawikhethi ayisithupha, iNetherlands ngamane neBangladesh ngama-run amane.
UMarkram uthe bayazi ukuthi bekufanele benze kangcono ngesikhathi bebhekene neNepal.
“Asisondelanga nokusondela ezingeni lethu elifanele. Besingenawo umfutho nokuhleleka okufanele sikukhombise ukuze sidlale ngendlela esifuna ukudlala ngayo, sibambelele nasezinhlelweni zethu zomdlalo,” kusho uMarkram,
“Kufanele siyishayele ihlombe kodwa iNepal ngoba ikwazile ukusifaka ngaphansi kwengcindezi. Ikhombisile ukuthi isineqembu eliqine kangakanani ngokwenza umdlalo ube nzima.
“Kuningi esikufundile kulo mdlalo futhi nabo ngiyazi ukuthi bathole ukuzethemba ngenxa yokuqophisana nathi kuze kube sekugcineni.”
AmaProteas asezoqala imidlalo yesigaba sesibili samaqoqo lapho eqhathwe khona namaqembu asingethe lo mqhudelwano, i-USA neWest Indies ne-England.
Azovula lesi sigaba ngokugadulisana ne-USA eSir Vivian Richards Stadium, eSaint George, kusasa ngo-4.30 ntambama.
I-USA imangaze iningi ngokuqeda endaweni yesibili kuPool A, ngaphezu kwePakistan. Kuleli qoqo inqobe omakhelwane iCanada, yaqumba phansi nePakistan.
Ibe isinqotshwa yi-India, kwathi umdlalo obekumele iwudlale ne-Ireland wabhuntshiswa yimvula.
UMarkram uthe sekuyisikhathi sokuthi amaProteas abhukule.
“Sizoqhubeka nokugxila emdlalweni ngamunye, sizimisele ngakho konke okusemandleni ethu, bese siyabona ukuthi sizofinyelela kuphi. Ngikubheke ngabomvu ukudlala kulesi sigaba somqhudelwano,” uqhube kanje.
“Kusho lukhulu kithina ukufika kwiSuper 8. Siyethemba ukuthi sizokwazi ukudlala ikhilikithi ephelele njengoba umqhudelwano uya ngokuya uba nzima.”
Khonamanjalo, umqeqeshi wamaProteas oqondene nokubhetha, , uJP Duminy, uselishiyile iqembu wabuyela ekhaya ngenxa yezizathu ezithinta yena. Indawo yakhe ithathwe wumqeqeshi owazalelwa eWest Indies, uDonovan Miller.
UMiller wayeyingxenye yethimba labaqeqeshi le-England ngesikhathi inqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019.