LIBUYE sekuvalwe amehlo iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa linqoba iBangladesh ngama-run amane eNdebeni yoMhlaba yeT20 emdlalweni kaPool D obuseNassau County International Cricket Stadium, eNew York, ngoMsombuluko ebusuku.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukubhetha kuqala, ekubeni kwemibili yokuvula abeshwibe kuqala.
Umdlalo awuqale ngegiya eliphezulu uQuinton de Kock elishaya kalula ibhola lize liyophumela ngaphandle kwenkundla. Nokho leyo njabulo isheshe yaphela abashwibi neBangladesh sebezicoshela amawikhethi elandelana.
Kuqale kwaphuma uReeza Hendricks ngeqanda, edlala ibhola lakhe lokuqala, kwalandela uDe Kock, obeseshaye ama-run angu-18.
Ukaputeni, u-Aiden Markram, uphinde wabhacaza ephuma nama-run amane, kwathi uTristan Stubbs, owasiza iqembu lidla iNetherlands, wakhishwa ngeqanda.
Ukungena kukaHeinrich Klaasen noDavid Miller, obegubha usuku lwakhe lokuzalwa, kubuyise ithemba kumaProteas.
UKlaasen ukhishwe eseshaye ama-run angu-46, uMiller waphuma enangu-29. AmaProteas aqede ama-over awo angu-20 esenama-run angu-113, sekuphume abadlali abayisithupha.
IBangladesh ebidinga ama-run angu-114 ukuze inqobe iwuqale kahle umjaho wama-run. Maphakathi ne-innings yayo bekubhoke kakhulu uTowhid Hridoy oshaye ama-run angu-37, ebambisene noMohammad Mahmudullah, ophume eseshaye angu-20.
Nokho, abashwibi bakuleli nabadlali abanqakayo bakwazile ukuyipholisa iBangladesh, yaqeda ama-over ayo angu-20 inama-run angu-109, isilahlekelwe amawikhethi ayisikhombisa.
U-Keshav Maharaj uthathe amawikhethi amathathu, uKagiso Rabada no-Anrich Nortje bathatha amabili ngamunye.
AmaProteas asaqhwakele kuPool D ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu, okuchaza ukuthi asezibekisele indawo esigabeni esilandelayo samaqoqo, iSuper 8.
Ngaphambi kwalokho asazodlala owokugcina kuPool D neNepal ngoMgqibelo ngo-1.30 ezintathakusa.