NAKUBA ukaputeni weqembu lesizwe labesilisa lakuleli lombhoxo, uSiya Kolisi nomqeqeshi uJacques Nienaber, begezeke igilo ngokulwa kweqembu ngesikhathi likhipha osokhaya, iFrance, eNdebeni yoMhlaba, bavumile ukuthi asekhona amaphutha okumele bawalungise ngaphambi kokubhekana ne-England kowandulela owamanqamu.
AmaBhokobhoko aphendule iFrance izibukeli ezweni layo eyikhipha kuma-quarter-final, eyinqoba kunzima ngo 29-28 eStade de France, eParis, ngeSonto ebusuku.
Kulo mdlalo obulokhu uwungingqingongqo kungacaci ukuthi yiliphi iqembu elizowunqoba, iLes Bleus ishaye ama-try amathathu. Amabili abekwe nguCyril Baille, uPeato Mauvaka washaya eyodwa. Amanye amaphuzu aqhamuke ngonyawo lukaThomas Ramos okhahlele ama-conversion amabili namaphenathi amathathu.
AmaBhokobhoko aphendule ngama-try amane ashaywe nguKurt-Lee Arendse, Damian de Allende, Cheslin Kolbe no-Eben Etzebeth. UManie Libbok ubeke phakathi ama-conversion amabili, uHandre Pollard washaya i-conversion eyodwa nephenathi eyodwa.
“Sisebenze ngokubambisana njengeqembu ngoba ukube asikwenzanga lokho ngabe siyagoduka. Yindlela iqembu eliyiyona futhi izinto esihlale sikhuluma ngazo. Asilokothi siphele amandla. Singahlulwa njengeqembu kodwa asililahli ithemba kuze kuphele umdlalo futhi asiziyeki izitha singakaweqi umugqa wokushaya i-try. Besazi ukuthi kuzodinga senze okungajwayelekile ukuze sishaye iFrance futhi umdlalo uhambe kanjalo,” ubeke kanje uKolisi.
UNienaber uthe nakuba benze kahle kwezinye izindawo kodwa kukhona okumele bakulungise ngaphambi kokubhekana ne-England kowandulela owamanqamu nawo ozodlalelwa eStade de France, ngoMgqibelo ebusuku.
I-England ifinyelele kowandulela owamanqamu ngokunqoba iFiji ngo 30-24 kwenye i-quarterfinal ebinzima edlalelwe eStade Velodrome, eMarseille, ngosuku olufanayo.
Ngaphambi kwalokho, leli qembu eliphekwa nguSteve Borthwick beliyinqobe yomine imidlalo yamaqoqo kuPool D. Lishaye i-Argentina ngo 27-10, iJapan ngo 34-12, iChile ngo 71-0 neSamoa ngo 18-17.
“Sike sahlukana izikhathi ezimbalwa sizama ukumaka, ngeshwa ukuvimba izitha iyonanto engibhekene nayo ngqo eqenjini. Bakwazile ukudlula odongeni lwethu izikhawu ezimbalwa kodwa kokunye sikwazile ukugcina sibavalile ngenxa yokuzimisela kwabadlali,” kusho uNienaber.
“Kuningi esingakwenzanga kahle kodwa okunye kudalwe yingcindezi yokudlala emdlalweni womkhumulajezi. Kuningi okumele sikulungise uma sifuna ukuya phambili kulo mqhudelwano.”
Phakathi kwezinto u-Nienaber afuna ukubona bethuthuka kuzona yindlela abaphosa ngayo nabamukela ngayo ibhola kuma-lineout njengoba bevumele i-France ukuthi intshontshe amabhola amabili abawaphosile.
n Umlando wamaBhokobhoko ne-England:
n Iqembu lakuleli selibheke ukubhukula uma selibhekene ne-England ngoMgqibelo, okuyizwe eseliliphule izinhliziyo phambilini kweyeNdebe yoMhlaba kwazise liyiphuce iqatha emlonyeni kabili, liyiguqisa kowamanqamu alo mqhudelwano ngo-2007 nango-2019.
n AmaBhokobhoko aphinde akhipha i-England kuma-quarter-final eNdebeni yoMhlaba ka-1999 eyishaya ngo 44-21, ayibhudluza ngo 36-0 kweyamaqoqo ngo-2007 njengoba bahlangana kabili.
n I-England isalishaye kanye iqembu lakuleli eNdebeni yoMhlaba, inqoba ngo 25-6 emdlalweni wamaqoqo ngo-2003.
n La mazwe asetholane phezulu emidlalweni engu-45 kusukela ngo-1906. INingizimu Afrika inqobe engu-27, i-England yathatha engu-16, emibili yaphela zibambene.
n Sebedlale kabili ngemuva kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ka-2019 eJapan. I-England inqobe ngo 27-26 eTwickenham, eLondon, ngoNovemba ka-2021. Elakuleli labuyisa izinduku linqoba ngo 27-13 ngoNovemba nyakenye, kuyona le nkundla.
.