UTUSE abadlali ngokungadikibali baze bagcina benqobe indondo yethusi kuma-Olympic eParis, umqeqeshi weqembu lombhoxo weSevens, uPhilip Snyman.
Uhambo lwamaBlitzbokke oluya kuma-Olympic belunzima njengoba ethathe ithikithi lokugcina lokungenela lo mqhudelwano ngokunqoba owokugcina wokuhlunga eMonaco ngenyanga edlule.
Akawuqalanga kahle lo mqhudelwano ngesikhathi ehlulwa yi-Ireland neNew Zealand emidlalweni emibili yokuvula yamaqoqo. Nokho avuke azithatha anqoba iJapan kowokugcina, adlulela esigabeni somkhumulajezi ngokuqeda endaweni yesithathu eqoqweni lawo.
Aphinde abhekana neNew Zealand kuma-quarter-final, kulokhu akwazi ukuyiqumba phansi ngo 14-7. Kowandulela owamanqamu ashaywe ngosokhaya, iFrance, ngo 19-5.
EzikaSnyman ziwusonge ngegiya eliphezulu umqhudelwano ngokunqoba i-Australia ngo 26-19, zanqobela iNingizimu Afrika indondo yokuqala kuma-Olympic anonyaka ngokuqeda endaweni yesithathu. Kuzokhumbuleka ukuthi emidlalweni yango-2021 eTokyo, elakuleli lathola izindondo ezintathu kuphela, ziqhamuka kwi-swimming nakwi-surfing.
“Iqembu liphethwe ngabantu abasezingeni eliphezulu futhi le ndondo siyiwinele iNingizimu Afrika, kodwa ngifuna ukuncoma kakhulu abadlali. Ngiyaziqhenya ngabo nabakuzuzile lapha.
Sike sadlula ebunzimeni, ikakhulukazi ngosuku lokuqala kodwa indlela iqembu elibuye ngayo ingenze ngaziqhenya,” kusho uSnyman ethimbeni labezindaba leTeam SA.
“Siwenzile amaphutha futhi besingangena kowamanqamu, kodwa okusemqoka wukuthi siyitholile indondo yethusi. Kulifanele kakhulu leli qoqo labadlali abangayeki ukusebenza nokudlalela izwe labo.
“Kusiphathe kabi ukuhlulwa yiFrance kodwa abadlali bakhombise isibindi esikhulu ngokunqoba i-Australia. Ngiyaziqhenya ngabo futhi nginesiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika izoziqhenya ngokuthatha le ndondo yokuqala emidlalweni yaseParis.”
URosko Specman ube ngumdlali wombhoxo wokuqala ukuthola izindondo ezimbili kuma-Olympic njengoba wayeyingxenye yeqembu lamaBlitzbokke elathola ithusi eRio ngo-2016.
“Ngibe nohambo oluhle kulo mdlalo wombhoxo. Ukuwina izindondo ezimbili ezihlukaniswe yiminyaka eyisishiyagalombili kuyinto ekhethekile. Okwenza kubaluleke kakhulu yindlela enzima esiyihambile ukuze sifinyelele lapha. Yize sibe yiqembu lokugcina ukuzibekisela indawo kodwa sibuye nendondo,” kusho uSpecman kwabe Team SA.
AbaseNingizimu Afrika abazodlala namuhla:
2pm - Women’s Rugby Sevens
South Africa v Great Britain
2.10pm - Men’s Mountain Biking Cross Country
Alan Hatherly
2.50pm - Women’s Badminton
Johanita Scholtz v Jin Wei Goh (Malaysia)
5.30pm - Women’s Hockey
South Africa v Argentina