South Africa (6) 18
Scotland (3) 3
AMABHOKOBHOKO awuqale kahle umsebenzi wokuzama ukuvikela iNdebe yoMhlaba ngokunqoba iScotland ngo 18-3 emdlalweni wawo wokuqala eqoqweni uPool B eStade Velodrome, eMarseille, ngeSonto ebusuku.
Bekusemqoka ukuthi iqembu lakuleli liwunqobe lo mdlalo ukuze lizibeke ethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi, liphinde liqede irekhodi elibi lokuhlulwa emdlalweni wokuqala emiqhudelwaneni emibili yeNdebe yoMhlaba edlule.
Ngo-2015 kwashaqeka iningi elakuleli lithelwa phansi yi-Japan kowokuvula. Ngo-2019 lagingqwa yiNew Zealand emdlalweni wokuqala wamaqoqo, nakuba agcina ebuye nayo indebe.
Umdlalo ubungemuhle kakhulu ngenxa yamaphutha enziwe ngamaqembu womabili kodwa iqembu lakuleli likwazile ukuthola amaphuzu amqoka esiwombeni sesibili.
AmaBhokobhoko awuqale ngomfutho umdlalo asheshe athola iphenathi kwesokudla kodwa uMannie Libbok wayibeka eceleni.
Nokho lo mdlali ogijima kwi-flyhalf ukwazile ukuwakala kahle amaphenathi amabili alandelile wawabeka phakathi, amaBhokobhoko ahamba phambili ngo 6-0.
Iqembu lakuleli kuphoqeleke ukuthi lisheshe lenze ushintsho ngomzuzu ka-26, lifaka uRG Snyman endaweni ka-Eben Etzebeth, okubonakale sengathi uthinteke ehlombe.
Ngomzuzu ka-27 isethenjwa seScotland, uFinn Russell, sidlalise kabi uKurt-Lee Arendse kodwa unompempe wabona singekho isidingo sokumnika ikhadi, wagcina ngokunika iqembu lakuleli iphenathi.
AmaBhokobhoko abengena engenile engxenyeni yeScotland yenkundla kodwa ahluleke ukulisebenzisa ngendlela efanele ibhola.
Lokho kuvumele iDark Blues ukuthi igcine isiyile phambili, yathola iphenathi evalelwe phakathi nguRussell, kwayiwa ekhefini elakuleli lihamba phambili ngo 6-3.
ULibbok uphinde washweba enye iphenathi ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili kodwa kudlule imizuzwana amaBhokobhoko athola i-try yawo yokuqala ebekwe nguPieter-Steph Du Toit.
ULibbok bekufanele engeze amanye amaphuzu amabili kodwa i-conversion wayibeka eceleni, ezikaJacques Nienaber zahamba phambili ngo 11-3.
Ulisulile icala lakhe lokushweba uLibbok ngesikhathi ekhahlela ibhola elihle elithole u-Arendse engamakiwe kwesokudla, washayela iqembu lakuleli i-try yesibili.
Kulokhu i-conversion ishaywe nguFaf de Klerk, wangalenza iphutha, kwaba ngu 18-3.
Bese kucacile ukuthi uDe Klerk nguyena osethathe umsebenzi wokukhahlelela ipali esiwombeni sesibili.
Noma kunjalo naye imhlulile iphenathi elandelile, nokushiye abaqeqeshi bamaBhokobhoko benwaya amakhanda, kusobala ukuthi abakamtholi umdlali ongalibheki ipali njengoHandre Pollard, osale ekhaya ngenxa yokuthi ubengakalulami ngokuphelele ngesikhathi kumenyezelwa iqembu elizoya eFrance.
IScotland izamile ukuzibuyisela emdlalweni kodwa yahluleka ukudlula odongeni lwamaBhokobhoko, umdlalo wagcina uphele ngo 18-3, nokushiye iqembu lakuleli endaweni yesibili namaphuzu amane.
Kuqhwakele i-Ireland kuPool B ngamaphuzu amahlanu. Leli qembu elikleliswe phezulu lizigwazele ibhece emdlalweni walo wokuvula ngoMgqibelo, lixebula iRomania ngo 82-8.
AmaBhokobhoko azodlala olandelayo wamaqoqo neRomania ngeSonto ngo-3 ntambama.
I-Ireland izodudulana neTonga, ezobe iqala ukudlala kuleli qoqo, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.