KUBUKEKA engathi bandile abalandeli bebhola lobhoxo kuleli kulo nyaka ngenxa yempumelelo yeqembu lesizwe labesilisa, elivikele iNdebe yoMhlaba eFrance ngo-Okthoba.
Inqwaba yabantu ebingazi nokuthi kwenzekani kulo mdlalo ngesikhathi umqhudelwano uqala, kuthe usuphela ibisinemibono mayelana nendlela iqembu okumele lithakwe ngalo namaqhinga okufanele liwasebenzise.
Ngaphandle kwamaBhokobhoko, namaqembu esizwe esifazane alindizisile ifulegi lakuleli emiqhudelwaneni ehlukene kodwa unyaka uliphikile elabesilisa leSevens.
n AmaBhokobhoko esilisa: Leli qembu ebeliphekwa nguJacques Nienaber aliyidlalanga imidlalo elijwayele ukuyidlala ngoJuni ngenxa yokuthi bekulungiselelwa iNdebe yoMhlaba. Livule unyaka ngeRugby Championship encishisiwe ngoJulayi lapho lihlule khona i-Australia ne-Argentina, ladliwa yiNew Zealand.
Libe selidlala imidlalo emithathu yokungcweka ne-Argentina, Wales neNew Zealand ngo-Agasti, layinqoba yonke ngamalengiso.
ENdebeni yoMhlaba linqobe imidlalo emithathu kwemine yamaqoqo ladlulela kweyomkhumulajezi neFrance, England neNew Zealand, eliyinqobe yonke ngephuzu elilodwa. Imidlalo yamaBhokobhoko beyenza kube sengathi aseqalile amaholidi kaKhisimusi njengoba abantu bebehlangana ezindaweni ezahlukene ukuze bayibuke ndawonye.
Kube sekufana nokhilimu ekhekheni ngesikhathi uMengameli wakuleli, uCyril Ramaphosa, egcine isethembiso sokunikeza abantu bakuleli iholidi uma amaBhokobhoko evikela isicoco. Yilona leli holidi lanamuhla eselenze yankulu kakhulu le mpelasonto.
n AmaBhokobhoko esifazane: Avule unyaka ngomqhudelwano iRugby Africa Women's Cup eMadagascar, ngoMeyi. Anqobe yomithathu imidlalo yamaqoqo, ebhudluza iCameroon ngo 87-0, iKenya ngo 48-0 neMadagascar ngo 79-8, labuya nesicoco.
Ngo-Okthoba, leli qembu lidlale emqhudelwaneni iWXV 2, obudlalwa okokuqala kulo nyaka, lanqotshwa yiScotland ne-Italy, lavuka ngeSamoa.
n AmaBlitzbokke: Akuhamba kahle eqenjini labesilisa lombhoxo weSevens njengoba liqede isizini ka-2022/23 yeWorld Rugby Sevens endaweni yesikhombisa, lahluleka ukuba ngelinye lamaqembu asheshe azibekisela indawo kuma-Olympic azobanjelwa eFrance ngonyaka ozayo. Athole elinye ithuba ngesikhathi edlala kwi-Africa Sevens ngoSepthemba, kodwa kwaphinde kwabhimba nakhona. Bekudingeka ukuthi awunqobe lowo mqhudelwano ukuze athole ithhikithi eliya eParis kodwa ahlulwa yiKenya kowamanqamu.
Azothola ithuba lokugcina emqhudelwaneni wokugcina, iRepechage Tournament, ezodlalwa ngoJuni, ngonyaka ozayo.
n Imbokodo: Izinto zihambe ngohlelo eqenjini labesifazane leSevens linqobe iChallenger Series ngo-April. Lihlule iBelgium kowamanqamu. Lokhu kuholele ekutheni likhushulelwe esigabeni esiphezulu, iWorld Sevens Series, kule sizini ka-2023/24 esanda kuqala. Ibuye yadla umhlanganiso kwi-Africa Women's Sevens ebiseTunisia ngo-Okthoba, inqoba iKenya kowamanqamu, yangena igijima kuma-Olympics azoba.
n I-Currie Cup: Emqhudelwaneni wasekhaya, iCurrie Cup, kunqobe iFree State Cheetahs, ephuce iPumas yaseMpumalanga indebe, iyiguqisa ngo 25-17 kowamanqamu ngoJuni.